| 
                                
                                 ? 
                                Abesilisa baphumela obala ekulweni nokuhlukunyezwa kwabesifazane 
                                Ekuseni bangomhlaka 8 kuMashi (uNdasa), umkhankaso wabesilisa wamemezela uhlelo lomkhankaso wosuku lonke, owasungulwa wuMkhakha Wezinkonzo Zabafundi baseNyuvesi yakwaZulu-Natali, ngokubungaza usuku lwabesifazane emazweni onke (International Women?s Day) ngo-2006 kanye nokulwa nokuhlukunyezwa kobulili obuthile kanye nokusabalala kokuhlukunyezwa kwabesifazane. 
                                Indaba egcwele 
                                Ezicathulweni Zabo 
                                AMAZWI ETHU , IKUSASA LETHU 
                                Noma kungaba wumdlalo weshashalazi, inkondlo, umculo, umsebenzi wobuciko noma umsebenzi ohlukene wemvelo, ukubaluleka kobuciko bamasiko ekufundiseni ngokuyimpumelelo ngesandulela ngculazi kanye nengculazi, ukuqwashisa kanye nokungenelela ngezinhlelo sekuzibonakalisile. Siyazi futhi ukuthi ngoba abantu basebenzisa izindlela eziningi ezahlukene ukuveza imibono, ulwazi, uthando, imicabango eseyadlula, amathemba kanye nokwesaba, ubuciko bamasiko bubonakala njengomgudu omuhle kakhulu wokuxhumana emphakathini. 
                                Indaba egcwele 
                                Izindaba Zokuwashisa 
                                Umkhankaso Wokujikeleza ngeBhasi Ngenhloso yokuQeda udlame olukhetha ubulili 
                                 
                                Ngomhlaka 8 kuMashi, (uNdasa) ngosuku lwabesifazane emhlabeni wonke, Isikhungo esibhekele ezodlame kanye nokubuyisana (Centre for the Study of Violence and Reconcilliation), sibambisene nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (NGOs) eNingizimu Afrika, babeka ngokusemthethweni umkhankaso webhasi wokuqwashisa emazingeni aphansi ngodlame lwasemindenini nolocansi kwabesifazane nezingane. Ibhasi elihamba phakathi kwemiphakathi yasemakhaya ezifundazweni eziyisishiyagalolunye,? iyama ukuze kube nemihlangano emifishane nomphakathi bese kusatshalaliswa izincwajana ezinolwazi kubahlali abayikhulu, kwabe sekugcinwa ngomhlaka 10 Aphreli (uMbasa) ePhalamende eKapa.? 
                                Indaba egcwele 
                                Ukuxhaswa kwabesifazane abakhulelwe ngesandulela ngculazi 
                                Ukuqinisekisa kanye nokuvikela impilo enhle ukuze sigcwalise esinokukwenza empilweni, sonke sidinga ukuholwa, ukuqonda kanye nosizo oluphathekayo ekuthatheni izinqumo eziphusile ekunakekeleni nasekuqiniseni imizimba yethu zonke izinsuku. 
                                Indaba egcwele 
                                Ukufuna ubulungiswa, buzwakele 
                                Ngomhlaka 24 kuMashi (uNdasa) 2006, ababili babacwaningi bakwa-HIVAN, okuyisikhungo esisebenza ngesandulela ngculazi nengculazi ?bahlanganyela emkhankasweni ophambili eNkantolo eNkulu yaseThekwini njengengxenye kazwelonke yomkhankaso woYedwa kwabaYishumi, ukuze kuhlonishwe amadodakazi ethu anomdlandla, odadewethu kanye nomama ababekezelela ubuhlungu bokudlwengulwa komzimba, komphefumulo kanye nokwengqondo, kungaba buthule noma ngokudonda kwezinqubo zasenkantolo. 
                                Indaba egcwele 
                                I-Valley Trust Inikezela Ngamakhambi Okudambisa Isandulela Ngculazi 
                                Kunethemba ezigulini eziphethwe yingculazi ezihlala esigodini? sase-Valley of Thousand Hills, njengoba uhlelo lokusabalalisa ikhambi elidodobalisa ingculazi liqala ukukhishwa e-Valley Trust. Lolu hlelo luzonikeza amakhambi okudambisa isandulela ngculazi mahhala kubantu bendawo, kanti luholwa wuDokotela? u-Stephen Carpenter. 
                                Indaba egcwele 
                                WOW! ? Abesifazane base-Wentworth benza izimanga 
                                I?Wentworth Organisation of Women (WOW) iyinhlangano yabesifazane base-Wentworth engenzi nzuzo emphakathini eyaqanjwa ngo 1993 ukusiza abantu abahluphekayo base-Austerville-Wentworth esiFundazweni sakwaZulu-Natali. 
                                Indaba egcwele 
                                Sondela ?nobuholi emazingeni aphansi 
                                Imizamo yokuletha ukunakekelwa kanye nokubandakanywa kwezwe njengezimpendulo zomphakathi ezinkingeni iNingizimu Afrika ebhekene nazo zaqhutshezelwa phambili ezinyangeni ezimbalwa ezidlule, kanti nomsuka wethemba ngesikhathi esizayo ubonakala ukhona kuyilowo nalowo muntu ojwayelekile nje. Izikhulumi ezimbili ezisezingeni eliphezulu zabelana ngemibono yazo mayelana nalezi zindaba lapho kwakuhlangenwe khona eThekwini: 
                                Indaba egcwele 
                                Photo Gallery 
                                Indaba egcwele 
                                
                                  
                                    | 
                                       HIVAN's Community Newsletter, Sondela, is printed by Human Scale Printers - (031) 912 2910/11. Layout Artist: Thula Ngcobo 
                                     | 
                                   
                                 
                               |