HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title??Title & Body?? And/Or: Or??And?? eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN?s community Newsletter
HIVAN?s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Ukuklonyeliswa kwabazinikelayo: onompilo abangamavolontiya eMthunzini bethweswa iziqu.

IZINDABA ZOKUQWASHISA

UMkhankaso Wokujikeleza ngeBhasi Ngenhloso yokuQeda udlame olukhetha ubulili
Ngomhlaka 8 kuMashi, (uNdasa) ngosuku lwabesifazane emhlabeni wonke, Isikhungo esibhekele ezodlame kanye nokubuyisana (Centre for the Study of Violence and Reconcilliation), sibambisene nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (NGOs) eNingizimu Afrika, babeka ngokusemthethweni umkhankaso webhasi wokuqwashisa emazingeni aphansi ngodlame lwasemindenini nolocansi kwabesifazane nezingane. Ibhasi elihamba phakathi kwemiphakathi yasemakhaya ezifundazweni eziyisishiyagalolunye,? iyama ukuze kube nemihlangano emifishane nomphakathi bese kusatshalaliswa izincwajana ezinolwazi kubahlali abayikhulu, kwabe sekugcinwa ngomhlaka 10 Aphreli (uMbasa) ePhalamende eKapa.?

Amavolontiya ayesebhasini athi abesifazane abaningi abaqwashisekile ngamalungelo abo okuphepha nokuvikeleka, ukuthi kumele baphathwe kanjani ezibhedlela? emva kokudlwengulwa, noma zibikwa kanjani izindaba zodlame emaphoyiseni. Ngokwezibalo zezokudlwengulwa kanye namanani adlondlobalayo okuba nesandulela ngculazi ezweni lethu, Umkhankaso weBhasi wenziwa ngenhloso yokuvula imilomo kanye nokusukumela phezulu kulesi sehlakalo, kanti kwaba nezingxoxo ezasakazwa emsakazweni ngenhloso yokwandisa umdlandla kakhukhulela ngoqo.

Ulwazi kanye nezinye izinto ezikhathazayo okwatholakala ngalelo langa lohambo lwebhasi kuzonikezela ngomgogodla wokwakha uhlelo oluzovikela ukuqhubeka kokuhlukunyezwa kwabesimame nezingane, kanye nokuthuthukisa zonke izakhamizi ngolwazi ngamalungelo azo kanye nemigidlabezo kulo mshikashika.

Uma ufisa ukuthola kabanzi ngomkhankaso kanye nokungenela, thintana no-:
Sally-Jean Shackleton ? Women?sNet Co-ordinator
Ucingo: (011) 429 0000???????
Isikhahlamezi: (011) 838 9871

Website: www.womensnet.org.za

Ucingo lokuneka
??????????????????
I-KZN Network ngokulwa nokuhlukunyezwa kwabesimame yamemezela umklamo obizwa ngokuthi ?The Washing Line Project? (Umklamo wocingo lokuneka), owakhiwe ngowezobuciko waseThekwini u-Fiona Kirkwood ukwazisa abantu ngesandulela ngculazi nengculazi, ezocansi ezinempilo, amalungelo kanye nemigidlabezo, kanye nokungalingani kwezobulili.

Inhloso yokukhangisa, okwakubanjwe izinsuku ezine ngoMbasa 2006 e-Workshop eThekwini, kwakuwukuzwakalisa nokwabelana ngezehlakalo abesifazane nabesilisa ababhekana nazo, ngalo mkhankaso ?Wocingo Lokuneka? oyisibonakaliso semisebenzi yasemakhaya yabantu besifazane bese kukhangiswa ngezingubo zomndeni, zomuntu ngamunye kanye nezeqembu ezinekelwe ukuthi zome. Ukuxoxwa kwezindaba, imidlalo yeshashalazi, izingxoxo kanye nokushiwo kwezinkondlo kwenziwa endaweni okwakunekwe kuyo izingubo, kumenyezelwa ingqikithi yamagama ayebhalwe ngesiZulu nangesiNgisi eziqephwini zezindwangu (njengokuthi ?ubuntombi?, ?udlwenguliwe? ?ugogo?).

Iningi lezinhlangano esibambisene nazo (Street-Law SA, Durban SAPS Social Crime Prevention, Lifeline, Women of Wentworth and Amnesty International) bahlanganyela nomphakathi base besabalalisa izinto eziningi ezazimayelana nomkhankaso nemithombo yolwazi ezindaweni zabo zokuthola ulwazi.

Ukuze uxhumane ne-KZN Network mayelana nodlame kubantu besifazane, thintana no-COOKIE EDWARDS ehhovisini lakhe enombolweni ethi: (031) 304 6928).

Abesilisa Abalwa nokudlwengulwa

??Siphi isiteshi samaphoyisa? Sekuyisikhathi manje sokuthi baqede ukudlwengula? ? lesi kwakuyisihloko sephephandaba langoMbasa sethula iqembu elisha elifaka ingcindezi elibizwa ngokuthi ?Men Against Rape ? okuyiqembu labesilisa elilwisana nokudlwengula, eliholwa ngu-Adrian Steed, umethuli wezindaba kumabonakude nasemsakazweni osewathatha umhlalaphansi. Ngenxa yokudatshukiswa nokuthukutheliswa kokudlwengulwa kwesihlobo sakhe esiseyiklumela kuhlonywe ngommese ezinyangeni ezimbili ezidlule, wabhekana ngqo ngokokuqala nokuhlukunyezwa kwabesimame namantombazane, kanjalo nomthelela wakho ezimpilweni zabo nasemindenini. Amaphoyisa awazange asukumele phezulu ekwenzeni uphenyo ngodaba, ngaleyo ndlela wazenzela olwakhe uphenyo. Wabumba iqembu elibizwa ngokuthi yi-MAR esho ukuthi ?Abesimame ezweni lakithi sebekuzwakalisile ukukhala kwabo, kodwa bakhalaphi abesilisa?? Wagqugquzela abesilisa ekutheni baxhumane omunye nomunye, bahlonze bese bebika izindaba ezithinta ukudlwengula, ukushaya umduvo kuphethwe izingqwembe bese behambisa incwadi yezikhalazo kuziphathimandla becela kwenziwe ushintsho nokuthathwa kwezinyathelo ngokushesha, ukuze bonke abesilisa, abesifazane, nezingane baseNingizimu Afrika? sebengakhululeka emigwaqeni yabo kanye nasemindenini ukuze baphile ngokuphepha.

UMkhankaso Woyedwa Kwabayisishiyagalonye

UMkhankaso Woyedwa kwabayisishiyagalolunye wasungulwa yinhlangawo yokubhekela amalungelo abesifazane nesifo sengculazi ngoNhlolanja 2006 ukutshengisa ukuzwelana nabo bonke abesifazane ababika ngokudlwengulwa kwabo, ababhekana nokuhlukunyezwa okuqhubekayo kanye nokukhishwa inyumbazane ngoba bephumele obala ngalokhu kuhlukunyezwa. Ukuze babeke kucace ukuthi okungenani owesimame oyedwa kwabayisishiyagalolunye ezweni lethu ubhekana nalokhu kuhlunyezwa, abalwela amalungelo kanye nabasekelayo bagqoka isibonakaliso esinsomi noma ezinye izembatho ezinsomi ezindaweni okugxilwe kuzo ngezinsuku ezithile, bese babelana ngemibiko eqhamuka kubo noma ezinhlanganweni yokuzwelana emibuthwaneni kanye nakwi-webhu Yoyedwa Kwabayisishiyagalolunye.

Ngosuku lwenhlangano i-National Day of Solidarity (24 Mashi-uNdasa 2006), kwaba nemibuthano yemiphakathi ngaphandle kweNkantolo eNkulu yaseGoli, yaseThekwini, yase-East London, yaseKapa kanye neyase-Grahamstown. Ukuqhubeka kokubonakala kwabesifazane abadlwengulwayo kuqhakanjiswa ngezemfundo ngezincwadi ezikhishiwe kanye nemidlalo yaseshashalazini, umculo wokukhombisa ukuzwelana, ukubikela abezindaba kanye nangokuchonywa kwezingqwembe.

Uma ufuna ukuzibandakanya, thintana no:
Dawn Cavanagh ? Gender AIDS Forum
Ucingo: (031) 307 1253???????
Isikhahlamezi: (031) 307 1254

[email protected] Cell:? 083 278 7033
IWebhu: www.oneinnine.org.za

<

TOP
?

? Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape