WOW! ? Abesifazane base-Wentworth benza izimanga
I?Wentworth Organisation of Women (WOW) iyinhlangano yabesifazane base-Wentworth engenzi nzuzo emphakathini eyaqanjwa ngo 1993 ukusiza abantu abahluphekayo base-Austerville-Wentworth esiFundazweni sakwaZulu-Natali.
?
Enye yezinjongo ezinkulu zaleli qembu wukuhlinzeka ngemfundo yokuthuthukiswa kwezingane zalabo besifazane abangasebenzi abangakwazi ukuziyisa enkulisa. U-Patricia Dove ongomunye wabasunguli baleli qembu nalabo asebenzisana nabo babefundisela endaweni evulekile nje, ngaphambi kokuba bathole umnikelo wegumbi elisansimbi lapho ukunakekelwa kwezingane ekuseni nantambama kwakwenzelwa khona.
?
Abenhlangano yabesifazane baseWentworth abasebenza bengakhokhelwa baqala ukubona nokuqonda? kabanzi ngezinkinga zomphakathi okwaholela ekutheni banike izeluleko ngesandulela ngculazi kanye nengculazi kanye neminye imisebenzi ebhekelela amakhaya, ngo 1998 uMnyango wezeMpilo wabanika imali engamarandi ayizinkulungwane ezingamashumi amathathu ukuze babhekane nohlelo lwase-Austerville lokuqala lokuqwashisa ngengculazi. Bajoyinwa ngabafundi bezenhlalakahle yomphakathi ababephuma kwisikhungo esasaziwa ngeNyuvesi yaseNatal, abaqeqesha abaxhumanisi ukuze baphathe umsebenzi ngendlela evuthiwe. Laba bafundi basiza laba besifazane ukuthi babhale uMthetho-sisekelo wenhlangano yabo, nokuthi uqhutshwa kanjani umhlangano.
?
I-WOW yasebenzisa leli gumbi elisansimbi kanye nemizi yamanye amalungu ukuqhuba izinhlelo zokuthuthukiswa kwamakhono njengokuthunga kanye nemihlobiso, ukutshalwa kwemfino kanye nokuthungwa kobuhlalu, kanti futhi nomsebenzi wokweluleka labo abahlukumezekile, abadlwenguliwe, udlame kanye nokunye ukwephulwa kwamalungelo abantu. Kulabo emphakathini abangenwe noma abathintwa yisandulela ngculazi kanye nengculazi, amalungu e-WOW aqeqeshiwe?angakhokhelwa anikeza izeluleko, ukunakekelwa kwamakhaya, usizo lokuthola izibonelelo zosizo, nokusabalalisa ukudla nezingubo uma benokukwazi. Basebenzisana ne-Highway Hospice nezinye izindawo ezithumela abantu kubona endaweni.?
Ngo 2002, uNkk. Dove nasebenza nabo baya emhlanganweni wokufundisana owawubanjelwe e-City of Durban?s Intergrated Development Plan ? Uhlelo Lwentuthuko Edidiyelwe yeDolobha laseThekwini mayelana nokwenza umphakathi into yabo, nokusetshenziswa kwezindawo ezokuhlala ezingenamuntu ukuthuthukisa umphakathi. Wayebheke indawo yokulahla udoti ebhekene nesonto lase-Methodist e-Austerville ngenhloso yokwenza indawo yemisebenzi eyahlukene yemindeni. Ngemuva komzabalazo omkhulu ekutholeni lendawo, iKhansela lesigceme lasiza kulolu hlelo kanti manje i-WOW isingabanini balo mhlaba ngokusemthethweni.
?
Umsebenzi we-WOW ukhula kahle njengezingane kanye nezihlahla abebezibhekile eminyakeni: Abanye besilisa sebejoyine? njengabasiza bengabheke nkokhelo? kwi-WOW kanti ngemizamo emikhulu yokuqoqa iminikelo okuqondiswe ezinkampanini ezizungeze indawo, indawo ye-WOW inendawo engumahambanendlwana enazo zonke izidingo zokubhaka izinkwa eyanikelwa kubona abakwa-SAPREF. Muva nje i-WOW yethule uhlelo lokulima ngokuvukuza ezinhlelweni zayo ukusiza abantu batshale izitshalo zekhethelo ngendlela ezoba nesikhathi iqhubeka.
?
Indlu yamanxusa yase-Japhani inike i-WOW imali engaphansi kwezinkulungwane ezingamakhulu amahlanu namashumi amahlanu ezinkulungwane ukuze kwakhiwe isizinda solwazi semindeni, esiyobiza amarandi angamakhulu ayisikhombisa isiphelele. I-PROJECT BUILD okuyinhlangano yeminikelo esebenza? nemiphakathi kanye nabezimboni ezizimele ukwakha izindawo eziqondene nezikole, isiza i-WOW ukuze ithole lemali ewumehluko ngokuthumela? izincomo kubaxhasi babo nabanikelayo.
Umoya we-WOW uzwakaliswa yilabo abazinikele:
- ?Sengisize abaningi abahlukunyezwa wudlame lwasekhaya kanye nolwasemphakathini,? kusho uMalcolm Scholtz ongumsebenzi owenza izinhlobonhlobo zemisebenzi? nezingadi.? Lona ngumsebenzi wamaphoyisa, kodwa afika endaweni yecala emuva kwesikhathi, uma kwenzekile afika.?
- U-Louise Apelgren ungumhlengikazi oqeqeshiwe obhekelela konke ukwenganyelwa kokunikezelwa kosizo emakhaya kanye nezifo eziqondene nesandulela ngculazi kanye nengculazi endaweni.
- U-Maureen Ngubane wazinikela ku-WOW iminyaka emithathu wazizuzela amakhono ngokwenzenjalo. ?Manje senginengadi yami yemfino engenza ngikwazi ukubhekelela umndeni wami: Abasebenzi be-WOW bangifundise ukuqonda kahle ulimi lwesiNgisi.?
- UMagdalene Turner uphethe i-Jae Dance Academy enikeza izifundo kanye namathuba ezinganeni ekudanseni kwangalesi sikhathi kanye nokwemvelo kwaseNdiya, ukusina kweSintu kanye nokunyakaza okuphambili. ?Abantu abasha banethuba lokunaka umsebenzi wabo wesikole bese bethola iqembu abaxoxisana nalo. Sibafundisa ukuziphatha nokuziqhayisa yikhona bezophila impilo eyenelisayo.?
Uhambo lwalaba ?besifazane base-Wentworth? alubanga lula, kanti i-WOW? nayo ibhekane nezingqinamba eziningi nokuphoxeka seloku yaqalwa. UNkk. Dove uthi bazuze impumelelo ngokuxhumana nezinhlangano eziningi kanye nokungqongqoza kuyo yonke iminyango abebenokuthola kuyona usizo. I-WOW isinesikhathi eside, iyisibonelo samandla ?okusondelana?, nime ndawonye nokukholwa ukuthi ukuba hlwempu akumele kuvunyelwe ukuthi kubhidlize ubugugu bemindeni nesimo somphakathi.
Sibonga kakhulu u-Paul Ngcobo wakwa- PROJECT BUILD ngocwaningo, ulwazi kanye nezithombe azinikele kule ndaba.
Thintana nabakwa- PROJECT BUILD
Ucingo : (031) 307 5322; Isikhahlamezi: (031) 307 5554;
Vakashela ku: 141 Umbilo Road, Durban noma
Ubhalele ku- P O Box 31045, Mayville, KZN 4058.
<
|