HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title??Title & Body?? And/Or: Or??And?? eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN?s community Newsletter
HIVAN?s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

I-Valley Trust Inikezela Ngamakhambi Okudambisa Isandulela Ngculazi

Kunethemba ezigulini eziphethwe yingculazi ezihlala esigodini? sase-Valley of Thousand Hills, njengoba uhlelo lokusabalalisa ikhambi elidodobalisa ingculazi liqala ukukhishwa e-Valley Trust. Lolu hlelo luzonikeza amakhambi okudambisa isandulela ngculazi mahhala kubantu bendawo, kanti luholwa wuDokotela? u-Stephen Carpenter.

Udokotela u-Carpenter uthi ?Inani labantu ababulawa yingculazi endaweni yase-Valley liphezulu kakhulu, kanti liya ngokukhuphuka njalo. Ingxenye engamashumi amane ekhulwini yomama abakhulelwe abeza emtholampilo wabakhulelwe lapha banegciwane lesandulela ngculazi. Abantu bendawo abakwazi ukufinyelela ezibhedlela ezinjenge-R K Khan kanye ne-St Mary?s ukuze bathole amakhambi, ngoba kukude kakhulu futhi kunohla lwalabo abalinde amakhambi. I-Valley Trust ibone kunesidingo sokuba iqale uhlelo lokunikezela ngamakhambi khona lapha, ukuze la makhambi atholakale emphakathini.?

Lolu hlelo luzothola usizo lwezimali emazweni angaphandle ukuze kulashwe iziguli ezingamashumi amahlanu. Ukuhlolwa kanye nokubhalisela izinhlelo zokuthola amakhambi zivulekele abahlali bendawo enkulu yase-Hillcrest, kwaNyuswa, Embo, eMolweni nakwaNgcolosi. Udokotela Carpenter uthi kunemigomo embalwa okumele abantu bayenelise ukuze bafakwe ngaphansi kwalolu hlelo: Ogulayo kumele ukuba uhlala kwesinye sezigodi, abe nomazisi oyiwo, kube nemiphumela yokuhlolwa kwe-CD4 ekhombisa ukuthi isezingeni elingaphansi kwamakhulu amabili, futhi azimisele ukungenela iqembu lokuxhasana lengculazi.

Onompilo kanye nabaluleki base-Valley Trust sebeqeqeshiwe ukulungiselela loluhlelo. Sekuneziguli ezingamashumi amabili

esezibhalisile futhi ezizothola ukufundiswa ngamakhambi, nokubhekelela imiphumela emibi kanye nokudla ngokunempilo.

??Kuningi ukungaqondi ngamakhambi okuthiba ingculazi? kusho uDokotela Carpenter.? Amakhambi asiza abantu ukuthi bakwazi ukwakha izivikela-mzimba ezinamandla kanti kungenzeka kube nemiphumela engemihle. Yingakho sibheka isiguli ngasinye ngokucophelela kanti uma kwenzeka kubakhona imiphumela emibi, siyawashintsha amakhambi ukuze inhlanganisela yamakhambi ivumelane nesimo saso.?

?Loku wukulashwa kwesikhathi eside, kanti abantu kufanele bacabangisise kahle ngaphambi kokuba banqume ukungena. Nakuba sikhona ukuzosiza, abantu kumele bazisize bona ngokuthi badle ukudla okunempilo futhi bavakashele umtholampilo njalo ngenyanga.?
(Icashunwe embhalweni owaphuma ephepheni i-Highway Mail yomhla zinga 24 ku-Mashi (uNdasa) 2006)

Thintana ne-Valley Trust lapha:

Ikheli leBhokisi: P O Box 33, Bothas Hill, 3660

Ucingo: (031) 716 6800

Isikhahlamezi: (031) 777 1114???????

Email: [email protected]


<

TOP
?

? Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape