Ukuxhaswa kwabesifazane abakhulelwe ngesandulela ngculazi
Ukuqinisekisa kanye nokuvikela impilo enhle ukuze sigcwalise esinokukwenza empilweni, sonke sidinga ukuholwa, ukuqonda kanye nosizo oluphathekayo ekuthatheni izinqumo eziphusile ekunakekeleni nasekuqiniseni imizimba yethu zonke izinsuku.
Abantu abanesandulela ngculazi banesidingo esikhulu salezi zeluleko kanye nosizo ? kanti uma bengabantu besifazane abakhulelwe, lo msebenzi ubaluleke kakhulu. Umama olindele ukubeletha wabelana ?ngomzimba wakhe nengane yakhe, lona omncane adla kuwona, alale, akhule futhi ezwe, uma ubuyena kanye nesimo sangokomoya sibantekenteke ngenxa yesandulela ngculazi, loku kudinga ukuxhaswa ukuze kukwazi ukulwa nezifo.
Ochwepheshe baseNyuvesi yaKwaZulu-Natal e-Nelson R Mandela School of Medicine kanye nabe noMkhandlu waseNingizimu Afrika wezoCwaningo ngeZokwelapha sebelucubungulile lolu lwazi, ukuziphatha ngokwempilo kanye nohlelo loxhaso oludingeka kulabo abanesandulela ngculazi abakhulelwe. Bathole ukuthi ukusebenzisa ijazi lomkhwenyana ukudla izakha-mzimba njalo, ukudla kahle kanye nokuba? sesigungwini sokuxhasana kubaluleke kakhulu kulabo asebezoba ngomama abaphila nesandulela ngculazi.
?
Abacwaningi bathole ukuthi kulabo besifazane abenze ngabo ucwaningo (abaningi babo baphakathi kweminyaka eyishumi nesihlanu kanye namashumi amabili), labo abalandela izigungu zokuxhasana njengalezo ezitholakala emtholampilo, kunokwenzeka bathathe izinqumo ezinempilo futhi baqhubeke nazo, ngokushiyelana ulwazi nemibono nabanye abaseqenjini.
Ucwaningo luveza ukuthi iningi labesifazane lithola ngesimo salo sesandulela ngculazi kuphela ngesikhathi sebekhulelwe, kanti iningi labesifazane abagulayo abahlolelwa igciwane lengculazi.
Lokhu kuwuphawu lokuthi lo msebenzi wokukululekwa ngokuzinikela kanye nokuhlolwa awusetshenziswa yibo bonke? abawudingayo.
????????????????????????????
Abesifazane kumele bazi ukuthi isimo sabo ngesandulela ngculazi sinjani ngaphambi kokuba bakhulelwe, yikhona beyokhetha kahle ngempilo yabo kanye nekusasa lezingane zabo. Ukuthola ukuthi umuntu unesandulela nguculazi kuyadumaza, kodwa-ke ngokwenhlalakahle kamama kanye nengane ekhulayo, kuhle ukungahlangabezani? nalesi simo esinzima ngesikhathi ukhulelwe. Nokho-ke ukuhlolwa ngesikhathi ukhulelwe kusemqoka ukuze uqinisekise ukuthi bobabili umama kanye nomntwana bathola ukwelashwa okuyiko kanye nokunakekelwa.
[Ulwazi kulolu cwaningo lunikezwe ngobubele wuSolwazi L.R. Uys, uDokotela B. Gaede, uDokotela M.J.Titus, uDokotela E.S.Froelicher, S.J.Majeke, J.R.Naidoo kanye no R.R. Marie Modeste.]
Ucwaningo labo luka 2006 lubizwa ngokuthi: The influence of pregnancy on the progression of HIV/AIDS in HIV-positive women in South Africa]
(Umthelela wokukhulelwa ekubhebhethekeni kwesandulela ngculazi kwabesifazane baseNingizimu Afrika asebenesandulela ngculazi)
Olunye ucwaningo olwenziwa ngo 1995 esiFundeni sase-Rakai e-Uganda lukhombisa ukuthi ingozi yokutheleleka ngesandulela ngculazi iyaphindaphindeka kwabesifazane abakhulelwe. Ngalesi sizathu, abesifazane abakhulelwe abangenalo igciwane lengculazi kumele baxhaswe ngabaluleki, amalungu omndeni kanye nabangani ukuba basebenzise amajazi omkhwenyana ukuze bazivikele bona kanye nabantwana babo kwisandulela ngculazi kanye nezinye izifo zocansi. [Ibikwe yi- GENDER-AIDS ([email protected]) ? mhla ziysithupha ku-Okthoba (uMfumfu) 2005]
<
|