Ukufuna ubulungiswa, buzwakele
Ngomhlaka 24 kuMashi (uNdasa) 2006, ababili babacwaningi bakwa-HIVAN, okuyisikhungo esisebenza ngesandulela ngculazi nengculazi ?bahlanganyela emkhankasweni ophambili eNkantolo eNkulu yaseThekwini njengengxenye kazwelonke yomkhankaso woYedwa kwabaYishumi, ukuze kuhlonishwe amadodakazi ethu anomdlandla, odadewethu kanye nomama ababekezelela ubuhlungu bokudlwengulwa komzimba, komphefumulo kanye nokwengqondo, kungaba buthule noma ngokudonda kwezinqubo zasenkantolo.
UPhumzile Ndlovu kanye no-Fiona Scorgie bobabili basebenza emiphakathini eyahlukene yasemakhaya e-KZN, okubenza babhekane ngqo nokuhlukunyezwa kwabesifazane, kwabesilisa kanye nezingane abafojiswa wubumpofu, izifo kanye nodlame. Bahlanganyela nabanye abaningi ngaphandle kweNkantolo ukuzokhuluma nezinkulungwane zabesifazane abathintekayo kwezokudlwengulwa, ukuhlukunyezwa ngezocansi kanye nokuba nesandulela ngculazi ezweni lethu, abamazwi abo engazwiwa muntu.
Ukuchaza umbuthano, uFiona wahlabeka umxhwele ngobumbano lwabesifazane bazo zonke izinhlanga, ubulili kanye nabemiyaka eyahlukene kanjalo nokuxhumana kwabo ngabodwana njengengxubevange yabalwela amalungelo abanemisebenzi eyahlukene. ?Okwasibumbanisa kwaba yintukuthelo yendlela okuphathwa ngayo emphakathini abesifazane abasuke bebike izikhalo zabo zokudlwengulwa. Le ntukuthelo yasiholela ekutheni sime ndawonye amahora amaningi elangeni elalikhipha umkhovu etsheni, sithwele izingqwembe, nokuchoma imibhalo ezihlahleni nokucula amaculo ukusekela labo abasinde ekudlwengulweni.?
Ulwazi lukaPhumzile kwezokuzabala lwalehlukile, kodwa futhi linomunyu. ?Lokhu kwabe kungokokuqala ukuba ngibambe iqhaza emzabalazweni walolu hlobo, kanti inhliziyo yami yopha igazi ngesikhathi ngibuka amabhilidi amade nabesifazane abazimele, bonke benomdlandla! Emiphakathini yasemakhaya lapho ngisebenza futhi ngihlala khona, ayikho imizabalazo, ngoba abesifazane abanawo amandla noma imithombo. Kunezinto ezibabazekayo ezenzeka kuleziya zindlu zodaka: obaba nomalume bahlukumeza izingane, kanti kuningi ukudlwengulwa okuqhubekayo kwamntombazane asemancane kanye nabesifazane abadlwengulwa ngothisha nezinye izikhulu kodwa kufihliwe, kuyihlazo kanti kukhona nokwesaba.?
UPhumzile uthi: ?Ngesikhathi ngikuleziya zitebhisi, ngibe nobuhlungu ngabo bonke abesifazane namantombazane, abamindeni yabo ivikela abadlwenguli ngokuthi bathole imali engamakhulu amabili amarandi esandleni noma ukudla noma imali yesikole. Kunokucabangela ukuthi lobu bugebengu bucishwa yilezi zimali ezikhokhwayo, kodwa kumele sizabalazele lezi zinto emakhanseleni emiphakathi kanye neNkosi ngendlela efana nale esenze ngayo edolobheni.?
Esitatimendeni sabezindaba ekuphakanyisweni koMkhankaso woYedwa-kwaBayisishiyagalolunye, i-International Community of Women Living With HIV?AIDS (ICW) okuyinhlangano yabesifazane bezizwe abaphila negciwane lesandulela ngculazi negculazi, bacele ohulumeni bomhlaba wonke ukuthi babheke abesifazane abaphila negciwane lengculazi abavuleleke kakhulu kwezodlame, ukuhlukunyezwa? ngezocansi kanye nokuhlambalazeka ngezinhlelo zenkantolo. I-ICW iveza ukuthi ngenxa yezinga eliphansi lokubekwa kwabantu amacala ngokudlwengula kanye nokuthi cishe azikho izinhlelo zezemithetho zabathintekayo kwezokudlwengulwa eNingizimu Afrika, umbulalazwe wokudlwengula ngeke uze uqedwe.
Okuyikhona kubalulekile kule mizabalazo ? eye yaba khona ezikhungweni ezibalulekile ezweni lonke ? kube wukuthi ukwelashwa nempilo yabantu besilisa nabesifazane, abasha nabadala, kulesi sikhathi segciwane lengculazi nesifo sengculazi, ngeke kuze kuphumelele ngaphandle uma imithetho yezwe ihambisana namalungelo abo bonke ekuphepheni nasekuvikelekeni, futhi isetshenziswe ngaphandle kokwesaba nokuchema.
U-Fiona uthe izimpendulo kulabo abebegibele izimbembeshwana, akade beshaya amahutha, ababethathaza futhi bememeza ngoxhaso lwabo ezimotweni zabo ngesikhathi bedlula, kwaba yinkuthazo enkulu. Izingqwembe zazinemiyalezo ethi: ?NGAPHANDLE KWENTANDO YAKHE, KUPHAMBANA NOMTHETHO!? kanye NABAYISISHIYAGALOMBILI
KWABAYISISHIYAGALOMBILI BAVALWE UMLOMO, kubhekiswe kwizingqinamba ezivimbela abesifazane asebeke babhekana nokudlwengulwa ekutheni bathole amalungelo abo nokuthi kubikwe amacala.
Omunye umyalezo obalulekile kwakungowokuthi ?HHAYI UBUSO NJE NEZITHO ZANGASESE ZABESIFAZANE? ukusho ukuthi abesifazane badinga ukuba bathathwe njengabantu abaphelele ngokuthi abasibo nje izinto zokufeza imizwa yocansi, nokuthi basetshenziswe ngengezisebenzi.
<
|