Ukuklonyeliswa kwabazinikelayo: onompilo abangamavolontiya eMthunzini bethweswa iziqu.
Umhlaka 23 Mashi kulonyaka awubanga usuku olujwayelekile konompilo endaweni yaseNtabeni enhla neKwa-Zulu Natal, ngoba ngalolusuku abazange bahambele amakhaya njengenjwayelo ukuyonakekela abagulela emakhaya. Kubengusuku olukhethekile lapho kufezeke khona amaphupho abo okuthi bathweswe iziqu zokuba ngonompilo abaqeqeshwe nokugcwele nangokusemthethweni.
Indaba egcwele
Ezicathulweni Zabo Imishanguzo yezingane- okuqondaniswe nokuhlanganyela komphakathi
Ngasekupheleni kuka 2003 ithimba elakhewe ngokuhlanganyela yizinhlangano ezingancike kuHululumenilelthula phambi kwePhalamende izincomo ngamalungelo nezinselelo ngokuphathelene nokubhekelwa kokwelashwa kwezinganenentsha belashelwa iSandulelangculazi ngokwahlukahlukana kweminyaka yabo: izinsana (ezingaphansi kweminyaka engu-3), abantwana abancane (3-6) abasezikoleni zamabanga aphansi, (7-11) izingane ezikhulakhulile, (12-14) intsha esencane, (15-18) intsha esikhulile. Bagqamise kakhulu isidingo sokunikeza leso naleso sigaba ukwesekwa banakekelwe ngemishanguzo (ARV), bazizwe bephilile emoyeni nasephefumulweni ngokuthi baye njalo emakliniki, belulekwe nezindlela ezifanelekile basekelane ngamaqembu babuye bathole nokwelulekwa okujulile.
Indaba egcwele
Izindaba zemikhankaso nezinsiza
Isiyingi sokuphana: Amavolontiya asebenza ngaphansi kwesikhungo seHIVAN esizinze eHoward College, eYunivesithi yaKwaZulu-Natal ngokubambisa nayo enze umsebenzi wokuqoqa izimali othathe odonse izinsuku ezimbili (2).
Indaba egcwele
Ukuzibophezela ngokuhlanganyela- Ake sigcine izethembiso zethu
Engqungqutheleni yesibili ye SA AIDS ebibanjelwe eThekwini, nethathe izinsuku ezine ngoJuni kulonyaka, izikhulumi eziphambili zinxuse kakhulu, abezoCwaningo, uHulumeni, abeZindaba nopmhakathi ukuthi babambisane basizane bavulelekelane emzabalazweni wokulwa neSandulelangculazi neNgculazi. Udokotel Maphele Ramphele owake waba nguMqondisi we World Bank futhi eyiSekela Shansela leYunivesithi yaseKapa- ubeke kanje? iSandulelangculazi neNgculazi kuyisibuko ebusweni boMzansi Afrika esenza sibone njengesizwe ukuthi ukungalingani kwabantu nokubandlululwa kwabo kuyaqhubeka nokusenza abantu abangakukhathaleli ubuhlungu balabo esiphila nabo.
Indaba egcwele
Ukwelashwa sekusondelele Okhahlamba: Abanakekeli nabasebenzi bezempilo babambene ngezandla.
Ngaphambi kokuqalwa kohlelo lukaHulumeni lwemishanguzo esibhedlela saseEmmaus esisOkhahlamba, amavolontiya angabanakekeli bebedlala indima esemqoka ukusiza abagulela emakhaya ukuthi bathole ukwelashwa. NgoSepthemba ka2004, uPhumzile Ndlovu ungMdidiyeli wohlelo lweHIVAN HBC Intervention Programme, uhlele ukuba abanakekeli abangu10 abebesiza emawodini bahambe isonto lonke ngenhloso yokwabelana nokucoshela ulwazi esibhedlela saseThe Church of Scotland (COSH) budebuduze nendawo yaseMsinga. Lapho uhlelo lwemishanguzo selusebenza kahle khona.
Indaba egcwele
Izibusiso ezivela eTibet: Izipho ezinikezelwe ezikhungweni zokunakekelwa kweSandulelangculazi neNgculazi.
Ngenkathi oBusisekileyo uDalai Lama 14 (ongoweshumi nane)- umholi kokomhlaba nokomoya eTibet ? evakashele lapha eNingizimu Afrika ngoNovemba ka2004, inhlangano yamaTibet aseNingizimu Afrika yadidiyela umcimbi wezinsuku ezimbili owaba seThekwini lapho uDalai Lama ( okungukuthi ?Ulwandle lweNhlakanipho?) wethula izimfundiso ngenkolelo yobuBuddhist. Njengokujwayelo yeKomidi leTibet Society uma kade benomhkosi unjengalona, imali esala lapho sekukhokhwe zonke izindleko zomcimbi iye inikwe yena uDalai Lama njengomnikelo wokuxhasa amaprojekthi aphathelene nenhlalakahle yabantu eTibet ikakhulu kulezozikhungo ezibhekela ababaleki emphakathini waseTibet.
Indaba egcwele
Imindeni enakekelanayo, Ubungane obuqotho, Imiphakathi enothando
Umyalezo kaNobhala jikelele weziZwe ezihlangeneyo uKofi Anna ngoSuku lweMindeni eMhlabeni wonke, ngoMeyi ka-2005: ?Umndeni obumbene futhi onakekelanayo ungesinye uyisikhali sokuqala sokuzivikela kwiSandulelangculazi neNgculazi. Ake siphinde sizinikele ekusizeni leligugu lidlale indima yalo ngokugcwele kulomkhankaso.?
Indaba egcwele
Amaqhawe entokomala
Njengesizwe nanjengelungu lomndeni wobuntu, umhlaba sesiwubuka ngokobhubhane oludalwa yiSandulelangculazi neNgculazi osekuhlukanise abantu ngezindlela eziningi. NgoNovemba kunyaka ka-2005 inhlangano yeUNAIDS ngokuhlanganyela neNhlangano yomMhlaba yeZempilo iWorld Health Organisations, ikhiphe umbiko ngezibalo ezisabisayo emhlabeni jikelele ezimayelana nokutheleleka kanye nokufa kwabantu ngeNgculazi, lezizibalo zikhombisa isithombe esibi kakhulu ngoMzansi Afrika wona ohamba phambili ngokutheleleka ngalesifo kanti abathelelekile bangaphezu kwezigidi eziyisithupha (6million).
Indaba egcwele
Isigungu sozizo lwezenhlalakahle: Qaphela lesisazizo
Qaphela nakhu ongakwenza! ukuthola ulwazi ngezinsiza zomphakathi zokubonelela abantwana kwazulu-natal nasempumalanga kapa, Shayela kulenombolo yocingo: 0800 601 011
Indaba egcwele
Gallery
View the pictures here
HIVAN's Community Newsletter, Sondela, is printed by Human Scale Printers - (031) 912 2910/11. Layout Artist: Thula Ngcobo
|
|