HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title??Title & Body?? And/Or: Or??And?? eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN?s community Newsletter
HIVAN?s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Ezicathulweni Zabo

AMAZWI ETHU , IKUSASA LETHU

Noma kungaba wumdlalo weshashalazi, inkondlo, umculo, umsebenzi wobuciko noma umsebenzi ohlukene wemvelo, ukubaluleka kobuciko bamasiko ekufundiseni ngokuyimpumelelo ngesandulela ngculazi kanye nengculazi, ukuqwashisa kanye nokungenelela ngezinhlelo sekuzibonakalisile. Siyazi futhi ukuthi ngoba abantu basebenzisa izindlela eziningi ezahlukene ukuveza imibono, ulwazi, uthando, imicabango eseyadlula, amathemba kanye nokwesaba, ubuciko bamasiko bubonakala njengomgudu omuhle kakhulu wokuxhumana emphakathini.

Ngo-Aprili (uMbasa) 2006 i-National Development Agency (NDA) yanikela ngezimali ukuze kudluliswele lolu hlelo esigabeni esilandelayo: ngokuxhasa izinhlelo zokwakha? i-Highly Effective Art (HEART) yakwa-HIVAN kanye ne-DramAide (ephuma eNyuvesi yakwaZulu) ? kanye nokusebenzisa isiko njengendlela yokuvula izinhloso zomphakathi? kanye nokuphakamisa ezomnotho ngesiko lezokuvakasha.

Lolu hlelo olubizwa ngokuthi iZwi lethu, iKusasa lethu, lubheka ukusetshenziswa kwesimo semvelo ukuthuthukisa izinhlelo? ezizoletha umnotho ezisimeme nabantu abasha. Lo mklamo utholakala esiFundeni sasoThungulu, kwaZulu-Natali, uhlanganisa abafundi abaphuma ezikoleni zaseDlangezwa ukuba babambe iqhaza emihlanganweni yokuqeqesha emasikweni obuciko azovuselela amakhono anothile futhi avuselele umuzwa ojulile wemvelo kanye nefa lo mphakathi langalesi sikhathi.

Abafundi bayogqugquzelwa ukuba babone izimanga ezikubona, nasezintweni kanye namasiko okubazungezile, yikhona beyozifanekisela izindlela zokukhombisa kanye nokwabelana loku nezivakashi ezifika endaweni ngaleyo ndlela kusunguleke umqondo webhizinisi. Lolu hlelo luyobaqeqesha ngezindlela zokucwaninga, yikhona bona kanye nemiphakathi yabo beyoqoqa futhi balondoloze okomlando okungokomoya kanye nokwenhlalo.

Labo ababamba iqhaza bayobe sebeqopha futhi balonde imibono yabo esiFundeni sasoThungulu njengendawo yamasiko nemvelo kwaZulu-Natali.

La makhono kanye nobuchwepheshe ababukhombisayo, bunobugugu obukhulu emhlabeni wemisebenzi. Abantu abasha bakuthola kunzima kakhulu ukuthola imisebenzi, noma benesitifiketi sikaMatikuletsheni noma imfundo ephezulu, ngoba abaqashi bafuna abantu abanolwazi kanye nomqondo wokwakha? - ngakho-ke ngokuqondiswa kanye nokululekwa labo ababamba iqhaza abayokuthola, ngeke nje bathole ithuba lokuqala izinhlelo zamabhizinisi abo kodwa bayothola nokuhlonyiswa ukuze banikele ngolwazi lwabo kanye namakhono abo kubaqashi ngaphakathi kanye nangaphandle kwemiphakathi yabo.

Uma uphenyo seluqediwe, kuyoqalwa umasibambisane nabo bonke abamele imiphakathi esiFundeni ukusiza futhi kuqashwe inqubekela phambili yosomabhizinisi abasebancane abasafufusa. Kuyokhuliswa ubambiswano nalabo asebekhona kwezokuvakasha, ukuze ngalezi zakhiwo zamabhizinisi, abasha bengaqala futhi badlondlobalise loko abakulingayo okusekelwe ebuhleni nasemandleni emvelo amathongo abo.

Lolu hlelo luqhutshwa imnyaka emibili, emuva kwaleso sikhathi izakhamizi kanye nezivakashi zaphesheya ziyobe sezikwazi ukushiyelana ngomoya ngalawa mazwi ayingqayizivele, futhi bawabone esombulula ikusasa labo, kugcwele ithemba nokuqonda.

<

TOP
?

? Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape