HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title??Title & Body?? And/Or: Or??And?? eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN?s community Newsletter
HIVAN?s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Sondela ?nobuholi emazingeni aphansi

Imizamo yokuletha ukunakekelwa kanye nokubandakanywa kwezwe njengezimpendulo zomphakathi ezinkingeni iNingizimu Afrika ebhekene nazo zaqhutshezelwa phambili ezinyangeni ezimbalwa ezidlule, kanti nomsuka wethemba ngesikhathi esizayo ubonakala ukhona kuyilowo nalowo muntu ojwayelekile nje. Izikhulumi ezimbili ezisezingeni eliphezulu zabelana ngemibono yazo mayelana nalezi zindaba lapho kwakuhlangenwe khona eThekwini:

NgoFebruwari (uNhlolanja), enkulumweni yenkumbulu kaMhlekazi Omkhulu ongasekho u-Denis E. Hurley, uSekela-Mongameli uPhumzile Mlambo-Ngcuka wahlonipha ubuholi obabukhangiswe yilabo abangaze baphakanyiswe, onompilo abangakaze baklonyeliswe ngokuba ngabanakekeli emphakathini okhinyabezwe isandulela ngculazi kanye negculazi kanjalo nobumpofu. Ekhuluma ngabesifazane nokuthi balibamba kanjani iqhaza emphakathini onobuntu, wasikhumbuza wathi: ?Nakuba bengekho phambili kwabezindaba kanye nomnotho, labo nompilo bangabaholi abazinikele, kanti nohulumeni uyakuqaphela ukuthi bayigqugquzela kanjani intsha yethu ngesibonelo abayiso. Kumele sonke sibukele kulaba besifazane abanokuyingcosana kodwa abenza yonke imisebenzi engathokozeleki. Ngiyabancoma futhi ngiyabahlonipha, ngoba yibona abasikhombisa ukuthi singasakha kanjani isizwe esinomnako esinohulumeni onomnako.?

USekela-Mongameli wachaza ngamakhono abesifazane avezwa emiphakathini yilabo abazinikelayo ngokuba semqoka emgudwini wezikhungo ezinakekelayo. ?Singayishintsha indlela umhlaba obuka ngayo izinto ngobuholi obuyibo uma siqinisekisa ukuthi okwethu nje kuyagqugquzelwa futhi buholwe, hhayi ukuba nesidlozane nokuqhoqhobala, kodwa ngokugqugquzela nokuhlonipha ubuntu obukhona kuwo wonke umuntu okuyibona busihlanganisa ndawonye njengabantu. Nakuba amaphesenti angamashumi amane nanhlanu ongqongqoshe bakahulumeni abakhethiwe, wonke enza imisebenzi ebalulekile, ngabesifazane, umbono nenhloso akukhona ukukhipha abesilisa inyumbazane. Kodwa sonke siyadinga ukufunda kwabesifazane? ukuthi singawasebenzisa kanjani amandla ngabantu kodwa hhayi ebantwini.?

Ubona iNingizimu Afrika njengezinikele ohlelweni olusheshayo olukhulayo mayelana nokwabelana, yikhona umnotho wezwe uzohambisana ngokulingana nokuqedwa kobumpofu. Lolu hlelo lubandakanya imiklamo emisha yokwenziwa kwamabhizinisi abasafufusa nalabo asebephakathi nawo, nokuthi kuqeqeshwe intsha? ngamakhono abambekayo nangokuba yisakhamuzi ngokwezinhlelo zosizo zikazwelonke. Kanti okunye okugxilwe mayelana nokukhishwa kwezinhlelo zokuthuthukiswa kwabantwana abasakhula, kanti imithombo yosizo lwabantu luzobandakanywa kulo msebenzi ngoMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kanjalo nakulabo abangongoti asebathatha umhlalaphansi kule mikhakha.

?Ngokwanda kokukhulelwa kwabasengamaklumela emiphakathini?, kuxwayisa uSekela-Mongameli, ?imali yokuxhasa ukondliwa kwezingane ayisimeme. Inselelo enkulu esibhekene nayo ngeyokuthi, wukuhlomisa abesilisa nabesifazane abasebasha? ngamakhono ukuze babe yizakhamizi ezizimele nezikwazi ukuzisiza ngosizo lomxhaso lomphakathi olusiza okwesikhashana empilweni. Sidinga abafundisi, abashiseli bensimbi, abalungisa nabafakela amapayipi, abahlengikazi, abakhi, onjiniyela, abasiza izivakashi, abasiza ngezokudla? Abantu baseNingizimu Afrika abanamathalente kanye nolwazi, bangaliqhubela phambili leli zwe.?

Ukwakha kuze kube nokukhula ngale ndlela kusho ukuthi uhulumeni kufanele asebenze ngokubambisana nabantu bomphakathi, kanye nosomabhizinisi. Wathi: ?Abaqashi abayizikhondlakhondla njengo-Eskom kufanele bathathele kubantu abasha njengabafanele bafunde imisebenzi emisha? ukuze kwenziwe ngcono isisekelo samakhono emisebenzi yasemakhaya.? Abaholi bezenkolo uhulumeni ubathatha njengabantu abasebenzisana nomphakathi, kanjalo nomphakathi onesisekelo sokholo uyiphakathi lokwakha usiko lezosizo kanye nokunakekelana phakathi kwabantu.

Wachaza wathi: ?Uhulumeni ngeke akwazi ukukwenza yedwa lokhu, ngakho-ke sithatha esibenzisana nabo bomphakathi ngokweqiniso. Umphakathi onokholo angene shi emshikashikeni wokwenza ngcono ukunakekelwa kwesandulela ngculazi nengculazi kanye nokufundiswa kwabantwana uma besakhula,? okumele kwenziwe njengayona ndlela enhle eyisibonelo esihle ngokwezinga lesizwe. Ngikuthakasela kakhulu ukusekela kwabamabandla kulabo besifazane abanikeza usizo abazibambela mathupha kwezokwelapha.?

Mayelana nokuhlonyiswa kwabasha, wazakhela ugazi ngohlelo lwabasha olugxile embonweni we-?big brothers ? abafowethu abakhulu? kanye ne-?big sisters ? odadewethu abakhulu? ? amaklumela asethe dlwe aholwa futhi exhasiwe ekunakeleleni izingane, ukuze kusimamiswe imindeni ebumbene enempilo, kanye nokuphakamisa izizukulwane ezintsha eziyizizakhamizi eziyisibonelo eziqeqeshekile ngezemfundo, amakhono, kanye nokuzigqaja kanjalo nokuba nomuzwa wokuba ngabanomgidlabezo.

Esevala, uSekela-Mongameli wacela ukuba ezwe uvo kulabo ababekhona: ?Ngenxa yokuthi yinina enibamba iqhaza nokwabelana ngekusasa, ngiyanicela nonke ukuba ningithumelele incwadi ebhalwe ukuthi ?Sawubona Sekela-Mongameli??, ngemibono yokudinga ukwenziwa kanye nokwenza izinguquko emphakathini.? Wabala unina nobabekazi bakhe njengabona bantu abayizibonelo zakhe ezinhle, nabayizifundiswa? eMlandweni wase-Afrika abamfundisa eNyuvesi: ?Bonke bangifundisa kangangokuthi uma omunye wabo ehluleka, omunye kumele? avuke ayibambe.?

Omunye ongumholi oqavile ophila futhi esebenzela ukuvikela isithunzi somuntu kanjalo nokuzazi lapho uphila khona, ngu-Justice Edwin Cameron weNkantolo ePhakeme Yokudluliswa kwamacala (e-Bloemfontein), owethula inkulumo enkundleni yezingxoxo eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngenyanga kaMeyi (uNhlaba)? ngesikhathi kunomkhankaso wokuthi ?zihlole bese uthola ukwelashwa?. Wathola indondo ebizwa nge-2000 Nelson Mandela Award kwezeMpilo kanye naMalungelo Abantu, kanti futhi uphila negciwane lengculazi, kanti ebe engaphumule ekugqugquzeleni ubumbano ekulweni nombulalazwe.

U-Justice Cameron usemnkantsha ubomvu ekulweni nesithombe esibi esikhungethe igciwane lengculazi, elisabalele kuwo wonke amazinga ezemfundo, ngokwebala, ngokweminyaka, ngokwezinga lempilo kanjalo nangokwamathuba. Uyabona ukuthi njengabantu abanegciwane lengculazi kuyaqhubeka ukuthi balahliswe okwenyongo yenyathi bese becwaswa ngabanye abantu, ukukhishwa inyumbazane okusabisayo okubekwa ekutholweni nesandulela ngculazi kukhungatha iziguli ngamahloni angachazeki, kanti negciwane libhebhetheka ngejubane elingabambeki. Ngisho nalabo abakwaziyo ukuthola usizo, ukuvikeleka, ukwelashwa kanye nothando bazizwa bethelelekile kangangoba abakudingi ukuhlola kanye nekhambi, nakuba bazi kahle kamhlophe ukuthi bangazikhethela ezintweni ezisindisa impilo.
?
Uthi u-Justice Cameron okuyiyona ngxenye enzima kakhulu kulengcabha, ayincikile kwabanye, kodwa kithina uqobo. Unomuzwa wokuthi kumele senze okuthe xaxa ukuvala igebe ukuze abantu bakwazi ukuwela, ukuze baphume emagobolondweni okwesaba kanye nomzwangedwa mayelana nemithi yokuhlola, yokunakekela kanye nokwelapha.

Futhi uyakholwa ukuthi isandulela ngculazi kumele sithathwe njengento elula njengegciwane, esikhubaza umzimba ngokugula okukhulu, njengoba kwenza amanye amagciwane ayingozi. ?Kungani la magciwane kumele abaluleke kangaka kangangoba kungabi kuhle ukuthi umphakathi ukumukele ukuthi unalo? Ukuzindela ukuhlolela igciwane lengculazi ezimweni zezokwelapha kwenza kube nobungozi kanye nokuhlukumezeka kakhulu kunobuhle, ngoba kwenza abantu bazizwe bengamukelekile. Uma kungase kube nesiqiniseko sokuthi isiguli sizolithola ikhambi, singakhishwa inyumbazane, futhi kube nobumfihlo, ukuhlolelwa isandulela ngculazi kumele kuthathwe njengento ejwayelekile yokuhlola ngezinkomba zezempilo ? ngaphandle uma ngempela isiguli senqaba ukuhlolwa.?

U-Justice Cameron uyengeza ukuthi nakuba ukwelulekwa okwenziwa ngaphambi kokuhlolelwa isandulela ngculazi kuwusizo futhi kubalulekile, uma ngabe lolu sizo lunciphisa imithombo, isikhathi kanye nomdlandla wabasebenzi abanikezela ngosizo ? esingachithwa kangcono ekuhloleni, kanye nokwelulekwa kwangasemuva kokuhlola kanye nokwelashwa ? kungathinta kakhulu impilo, kanti kungayekwa. Ubeka umbono wokuthi indaba nezikhulu zoMkhandlu weZokwelashwa nezaMazinyo kanye nabalwela amalungelo abantu kufanele bahlangane baxoxe ngalezi zinto ezinokwenziwa yosizo inciphisa.

Yini wena nami esingayenza zonke izinsuku ukuqhakambisa ukuqonda ukuthi ukuba nesandulela ngculazi nesifo sengculazi akulona icala, kodwa isimo sezokwelashwa? Ake sichithe isikhathi nomdlandla sizibuke thina ngaphakathi ngalolu daba, bese sisebenza ?njengabaholi emazingeni aphansi? ? sikhulume ngokukhululeka ngesandulela ngculazi nesifo sengculazi, bese sicela imithetho mgomo ecacile, enokwenzeka nenesisekelo empilweni. Ngaleyo ndlela, ukuqwashisa kuyosabalala yonke indawo, ukwesaba ukuhlola kumele kwehle, bese kuthi ukuvikela kube yiyona ndlela yempilo ejwayelekile.

SONDELA!

Thintana no-Judith King: uMhleli

HIVAN (Centre for HIV/AIDS Networking), Public Affairs Annex,

232 King George V Avenue, University of KwaZulu-Natal, Durban 4041

Ucingo: (031) 260 2975?????????????????????????????????????????

Isikhahlamezi: (031 260 2013

E-mail: [email protected]

?


<

TOP
?

? Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape