Abesilisa baphumela obala ekulweni nokuhlukunyezwa kwabesifazane
Ekuseni bangomhlaka 8 kuMashi (uNdasa), umkhankaso wabesilisa wamemezela uhlelo lomkhankaso wosuku lonke, owasungulwa wuMkhakha Wezinkonzo Zabafundi baseNyuvesi yakwaZulu-Natali, ngokubungaza usuku lwabesifazane emazweni onke (International Women?s Day) ngo-2006 kanye nokulwa nokuhlukunyezwa kobulili obuthile kanye nokusabalala kokuhlukunyezwa kwabesifazane.
Abafundi bahlanganyela phambi kwe-Rick Turner Student?s Union Building e-esikhungweni sase-Howard College ngenhloso yokubuka umdlalo weshashalazi owawenziwa ngabadlali beveza izigameko zodlame, ukwesatshiswa kanye nokunqoba okuhambisana nokuhlukunyezwa, kanye nokuzwa ngosaziwayo kulo mshikashika. Iqembu elizibiza nge-?Speaker?s Corner? elazibumba emva kokuthi uSibu Sibiya onguMongameli wesiGungu sabamele abafundi enikeze inkulumo yakhe mayelana nokubekeka kwabesifazane ebucayini bokuhlukumezeka ngokomzimba nangokomoya empilweni yabo yansuku zonke, kanti ababekhona nabo babeka imibono yabo.
Ekuhambeni kosuku, abalwisana nalokhu bashaya udwendwe bazungeza isikhungo ukuze baqwashise ngokuthi umphakthi kumele wenze ushintsho nokuhlonishwa kwamalungelo abesifazane. Ababezinikele abesifazane nabesilisa banikezela ngemidweshana ebomvu nemhlophe okuchaza ubudlelwano phakathi kwesandulela ngculazi nengculazi kanye nokuhlukunyezwa ngokocansi, kwakukhishwa nezincwajana ezinikeza ulwazi mayelana ?nokudlwengulwa kwabathandanayo?, izeluleko ngezokuhlukunyezwa, kanye nemininingwane engathintwa uma kukhona okuphuthumayo.
Izingqwembe zazixoxa indaba, kodwa izwi labesilisa esixukwini lenza lezi zikhalo ezilandelayo:
?Cishe akusiyo into elula ukushintsha imiqondo yabesilisa asebekhulile abangabahlukumezi noma ababa yiziphunzi bese bevumela ukuhlukunyezwa. Sidinga ukufundisa kahle izingane zethu, ukuthi ukuhlukunyezwa kanye nokudlwengulwa kwabesifazane kuyashaqisa.?
?Ngenxa yesimo somphakath, kumele sithande sihloniphe abantu besifazane neqhaza labo emhlabeni wonke. Umphakathi ubabukela phansi kanti lokhu akulungile ? abesifazane bayalingana nabesilisa njengabantu, kanti abazona nje izinto zokusetshenziswa.?
?Abantu bahlale bethu ukudlwengula akunanto yokwenza nobulili, kodwa kunento yokwenza namandla, kodwa lokhu kuyiphutha. Ukudlwengula akuhambisani namandla ? kodwa kuwukuzithathela amandla, nokuthi lokhu kuyisibonakaliso sobuthakathaka, isenzo sobundlobongela sokungakhululeki kwabantu besilisa. Amadoda eqiniso, aqinile, naphephile awadlwenguli!?
?Kuwukuholela abantu ophathe uma lokhu sikwenza kube yinkinga yabesifazane kuphela;kodwa sonke kumele sizibandakanye kulezi zingxoxo. Kunezinguquko ezinkulu kabi emasikweni kanye nemigoqo yobulili eyakhiwa esikhathini sokukhula. Ezinye zezinto zamasiko ethu ziyakhula kanti kuyimvelo ukukhathazeka ukuthi ngakube zisiholela kuphi, kodwa kunezindawo ezinobungozi zenqubo yamasiko ezingaguquki kanti ukuhlukunyezwa kwabesifazane kuyinto ephuthumayo.?
?Iqhaza elibanjwe ngabezindaba likhulu ekuguqulenu leli qiniso ? abezindaba badinga olunye uqeqesho nokuba nozwelo ukwenza ngcono amazinga ezindaba ezikhishwa ngabezindaba mayelana nokuhlukunyezwa
kwabesifazane kanye nokuhola indlela ekufundiseni abantu ngokulingana kwamalungelo.?
?Izikhangisi zigqugquzela okuyinkoloze mayelana nezobulili babesifazane njengezinto zocansi, kanti sesifikile isikhathi sokuthi ngabe lokho kwanqatshelwa. Kuliphutha ukuthi ?ucansi luyadayisa?. Leyo yimali yegazi, ngezindlela eziningi ngaphezu kweyodwa.?
?Emaphephandabeni ethu ansuku zonke, izindaba ezithinta ukuhlukunyezwa kwabantu besifazane kanye namantombazanyana kuvame ukuthi kucashishwe emakhoneni amaphephandaba, kanti kumele zibekwe ngokugqamile; nokuthi, kanjalo nakuzo zonke izikhungo ezahlukene, kumele kube yinto ekhulunywayo emphakathini.?
?Nakuba ngingafuni ukubeka izaba ezithile ezikhombisa ukucabangela abadlwenguli nalabo abashaya amakhosikazi abo, ngicabanga ukuthi abezindaba kumele baqaphele ekutheni njalo benze abantu besilisa njengezilwane. Lokhu akunalusizo, ngoba kumele singene ekujuleni kwempilo yabesilisa nabesifazane ukuze siqonde okuyikona okuyisusa salesi sihluku sempilo esiyingxenye ?yempilo ejwayelekile.? Ngakube impilo yabantu asebeyizixhwanguxhwangu beyinjani, ikakhulu ngesikhathi bekhula? Bangobani nokuthi kungani benza lokhu? Kababoni yini ukuthi izenzo zabo zinesihluku esinjani nokuthi izinkolelo zabo zinjani? Ngakube yiziphi izimfunzelelo kanye nezehlakalo ezibaholele kulesi simo sobudlova? Izikhangisi kanye nemidlalo yaseshashalazini inakho ukubavuna ezenzweni zabo.?
?Ngizwile ukuthi imvume enikeziwe yokubamba lo mkhankaso wosuku kulesi sikhungo unikezwe isonto elilodwa. Kungani lolu suku lungahlanganiswa nezinsuku zeNyuvesi, ngakho-ke izinsuku kanye nezinto ezenziwayo zibe ngezilindelekile, zingadingi ukunikezwa imvume ehlukile.
Unobhala-Jikelele uletha ukuqwashisa emakhaya ukuze abesilisa nabesifazane balwisane nokuhlukunyezwa ngokobulili okwenzeka ngaso sonke isikhathi futhi yonke indawo, u-Irene Khan, onguNobhala-Jikelele we-Amnesty International, wabelana ngale micabango emibonweni yakhe ngoSuku Lwabesifazane Emhlabeni Wonke ngo 2006:
Umeluleki womndeni uluchaza kanje udlame kwabesifazane:
?Ukuhlala ebudlelwaneni obunokuhlukumeza kunjengokubekezelela ukuhlushwa ? ikusasa liyancipha libangise emahoreni ambalwa alndelayo, usuku olulandelayo.? Uhlobo lwemigonqo kanye nemibutho yokwesaba eyenzeka esithe emakhaya kuyinto esabekayo nedicilela phansi njengenganoma yikuphi okunye ukuhlukumeza noma ukuphathwa ngesidlakadla emajele aphethwe yimibutho engondlovu kayiphendulwa.
Udlame lwemindeni lukhathaza wonke amazwe emhlabeni, kubandakanye nalawo asethuthukile. E-Sweden, ukushaywa kwabantu besifazane kudla lubi kule minyaka, ngemibiko eyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amane eyayebekwe kumafayela ngo-2003.
Nakuba kunjalo, umndeni ubukeka uyindawo enkulu yokuphephela negumbi lokugcina ubumfihlo ? ngokunjalo futhi uphakanyiswa njengendawo eyigugu ngokomthetho wezwe nowamazwe ahlangene ? ngaphandle kokuthi abesifazane abaningi namantombazane, ikhaya lingaba yindawo enobungozi kakhulu uma ngabe uhulumeni nomphakathi bengakwazi ukuyivikela odlameni ezandleni zemindeni yayo.
Okuvezwa ngamazwe omhlaba kuyaqhubeka nokunokondisa lempicabadala. Ngakolunye uhlangothi, udlame kwabesimame balubona njengengxenye yokukhishwa inyumbazane ngokobulili kanye nokuhlukunyezwa kwamalungelo. Ngakolunye uhlangothi, imiqingo yeNhlangano Yezizwe kanye
nezivumelwano ziyaqhubeka nokunxusa ukuba kusimamiswe imindeni njengesisekelo somphakathi.
Isixazululo?
Ukuze umphakathi noHulumeni bakhe isimo lapho amalungelo abantu besifazane ezohlonishwa khona bese ephakanyiswa.
Ukukhishwa inyumbazane kwabesifazane kube yinto egxotshwa ngezinyawo bese kuphakanyiswa ukulingana kwabantu besifazane.
Ukuhlukunyezwa kwabesifazane kuyinto esabisayo ekuvikelekeni kwabantu, kanti ukuqedwa kwakho kumele kube yinto ethathelwa phezulu yithina sonke ? noma njengabaholi bezombusazwe, abaphathi bezamaphoyisa, abehluleli, abaholi bezenkolo nomphakathi, umndeni, abangani noma njengomakhelwane.
<
|