EZOMPHAKATHI
USUKU LOMHLABA WONKE LWENGCULAZI NGO 2004
Ngosuku lomhlaba wonke lwengculazi ngo 2004, ithimba lokuxhumanisa leHIVAN lethula umcimbi wokwethulwa kwama-project kubanjiswene, phecelezi, Launch a Project Alliance (LAPA), libambisene ne-Imbewu Development Trust. Lomcombi wanikeza izethameli zochungechunge lweSHAPE ithuba lokwethula imibono yama-project ?okunakekela ndawonye abesifazane nezingane? noqeqesho oludingekile.
Lomcimbi wakhombisa imibono yezethameli ezingamashumi amane ezimele abelaphi bendabuko, abanakelela emakhaya, amantombazane aphethe amakhaya, namaqembu aphila negciwane kanye nabobulili obubodwa abathandana bodwa. Lomcimbi wawandulelwa uchungechunge lwemihlangano yokuxhumana nokwabelana ngolwazi ezinyangeni ezine kwakhelelwa usuku lwengculazi. Bebheke izindawo zakwaMashu naseMlazi ngokwehlukana kwazo kwaba oNomsa Zulu (KwaMashu) kanye noSibongile Mchunu (eMlazi) bahlongoza ukuqala ama-drop-in center azonikeza ulwazi ngengculazi, ukwelulekwa, ukuhlolwa kwegciwane, ukuekelwa, ukunakekelwa emakhaya kanye nokusiza ekutholeni ama-grant.
Iqembu lase-Cato Manor, eliphekela imindeni entulayo ukudla, laphakamisa ukuqala inkulisa. Lenkulisa izobheka izingane eziyizintandane kanye nezisengcupheni zase-Cato Manor, kodwa izozamukela nezinye izingane ezidinga lolusizo endaweni. UCwebile Mahlinza uyena owethula inkulumo.
Omunye umbono we-project wethulwa ngu-Thanda, owengamele iqembu elinabaphila negciwane, kwaba yilowo wokufundisa abantu ngengculazi kesetshenziswa imidlalo yeshashalazi. Lemidlalo yeshashalazi izokwenziwa emaklinikhi nalapho abantu behlola khona igazi futhi balulekwe.
Abelaphi bendabuko, abamele imiphakathi eyahlukene, ngaphansi kwenhlangano yabalaphi bendabuko yaseThekwini, bahlongoza ukuqala inhlangano yokwethula uhlelo lokwelulekwa nokuhlolwa ngokuzikhethela kanye nokunakekela emakhaya. Bazobambisana nomhlengikazi osethathe impesheni ukuze uhlelo luphelele.
Inhlangano yentuthuko Imbewu, obekubanjisenwe nayo ekwethuleni loluchungechunge ihlongoze ukuthi ilwisane nokucwaswa kwabavela emazweni angaphandle, kwezokudayisa ngocansi ePhoyinti eThekwini. Bazobambisana neHIVAN kanye neCAPRISA emizameni yokwakha ikhono nolwazi kwezocwaningo.
Abesifazane basemakhaya abavela KwaXimba, abanezingadi bahlongoze ukunikeza izintandane ukudla endaweni yakaXimba. Bazonikela ngokudla abakuvuna ezingadini emindenini eyishumi enezintandane endaweni abasebenza kuyo.
Amaqembu ehlukene abalula izidingo ezahlukene zoqeqesho, ezizowenza akwazi ukwenza lemisebenzi emiphakathini yabo. Izinto abadinga ukuqeqeshwa kuzo yilezi:
? Ulwazi ngengculazi
? Ukunakekela
? Ukunakekela emakhaya
? Ama-grant
? Ukudla okunomsoco
? Ukunakekela izingane
? Ukuphatha amahhovisi
? Ukulingisa
? Ukubhala imidlalo
? Ukwakhiwa kwezwi
? Indlela ye-PLACE
Ekupheleni kosuku omunye nomunye wezethameli wabhala kafushane ngokuthi balubone kanjani uchungechunge lweSHAPE lonkana. Izethameli zaqhamuka nezindatshana ezahlukene ezithi mazihlanganisiwe zichaza ukuthi izethameli zathola ziyibona ingefundisayo, ethakaselekayo kanye negqugquzelayo iSHAPE. Omunye wezethameli wasonga olwakhe uvo lweSHAPE kulenkondlo elandelayo:
Sawubona SHAPE,
Wamuhle SHAPE, uyiqhawe lezizwe zonke
Ungumavula kuvaliwe
Silwane sikamhlola
Wena owengula inkungu
Weda oqeda uvalo kwisiguli nomgadi waso
SHAPE, sifike sesaba kuwe
Singenalo ithemba
Namuhla sikhuluma kugcwale umlomo,
Siyizethenjwa zomphakathi
Asesabi lutho nge HIV/AIDS
Sichaza siphume ngale, sinikeze zonke izinhlobo zoncedo
Namhla siyamangala
Ingani sihlala nongqingili
Basize emasontweni, benika isexwayiso ngocansi
Ngisho nakusonto sikole
SHAPE, sibukeka siyizinginga emphakathini
Kanti siyizinginga zezulu
Ofayo ufela ethembile
Esibiza edinga uthando
Olwakhiwe nguwe SHAPE
Ingani sesinikela ngemfino yethu,
Nangezinkukhu esizifuyile.
Umuhle SHAPE ngoba
Ukhathalela abedolobha,
Bese ungakhohlwa yithi esikwanjayiphume
Ngisho emakhaya phela
SHAPE usifake emaklinikhi wasifaka esibhedlela.
Usifundisile singama-counselor ezifo
SHAPE kuningi esikufunde kuwe
SHAPE wean ungumxhumanisi weth,.
Sikwazi ukubetha izingcingo zibheke kumhlaba wonke
SHAPE, singaphila nesandulela ngculazi ngenxa yakho.
Gcina abelaphi bendabuko nabefundisi bekhuluma ngazwi linye.
Gcina izintandane zembethe.
Siyabonga. Siyabonga, Siyabonga.
?
<
|