ISIQHAMO SENKAMPANI?
I-HUNTSMAN TIOXIDE
The Huntsman Tioxide HIV/AIDS Committee.
Ukuze sikwazi ukukala umthelela ingculazi engaba nawo ebhizinisini, ikomiti elibhekele isifo sengculazi iHuntsman Tioxide iye yathatha isinqumo socwaningo ngonyaka ka 2002. bathathe isikhathi esingangezinyanga ezine befundisa futhi bekhuthaza abasebenzi ukuba baye kohlola igazi ngokuzikhethela ezinsukwini ezibekiwe. Izithombe zikamabonakude ezibonisa ngesifo sengculazi zenziwa zatholakala ezindlini, futhi izimeneja eziphezulu zathatha bonke abasebenzi zabayisa koqeqeshwa ngesifo sengculazi okulapho kwethulwa khona ikhasethi levidiyo. Abakhulumeli babasebenzi bathintwa nokuthi kwenziwa imibuzo mayelana neKAP (noLwazi, iNdlela yokwamukela kanye nendlela yokubuka izinto) okwakuhambisana nalokho ababekwethula. UMkhandlu Wezocwaningo Kwezokwelapha wacelwa ukuba usize, ngakho-ke bathatha iqembu ngalinye ukuba lethule incazelo yokuthi ucwaningo oluthinta izifo ezehlukene lusebenza kanjani. Kwaba nezithombe ezaba wumbukiso enkampanini yonke, ukwazisa abasebenzi ngosuku lokuqala locwaningo lokuqala, kwaba sekwenziwa nezikhathi zokwenza lolucwaningo. Emva kwakho konke lokhu, ekugcineni usuku lokuhlola igazi labe selifikile. Umphumela kwaba wukuthi?
Akukho noyedwa umsebenzi owafika kuleso sikhathi!
Lokhu kwaba yindumalo enkulu kabi eKomidini leHIV/AIDS ka Huntsman. Kodwa kunokuba baphele amandla, bathatha isinqumo sokufuna ukuthi ngabe kwenzekeni. Phakathi nocwaningo, inkampani yathola ukuthi abasebenzi bazakhela imicabango yabo ethile. Ukwenza isibonela, nakuba inkampani isihambe ibanga elide lokuthi igcizelele ukuthi ukuhlolwa kwegazi kuyoba okuyimfihlo, kodwa noma kunjalo abasebenzi bakholelwa ekutheni abaphathi bazama ukuthola labo abaphila nesifo sengculazi, nokuthi abasebenzi abagulayo babanjelwe yilabo abaqeqeshiwe abaphilayo. Babe nomcabango futhi wokuthi lolu cwaningo luzozuzisa inkampani kuphela hhayi abasebezni ababambe iqhaza.
Ihlomile ngolwazi, iHuntsman iphinde yaba nolunye uhlelo lokuqeqesha, ngenhlanhla oluye lwaphumelela. Abasebenzi abangamaphesenti angu 91 baye babamba iqhaza ? okuyisibalo esincomekayo ezincwadini zenkampani ? nokuyisibalo esikhombayo ukuthi bayibambe ngakho. 'Kunezifundo okumele zifundwe kulokhu', kusho uThemba Mkhwanazi, oyimeneja ye White-End Area yeHuntsman. "Okokuqala, isifo sengculazi sibucayi kabi futhi kuyinto yomuntu ngayedwa, futhi kudingeka kuqondakale ngale ndlela. Ukukhuluma nje obala ngezinkinga ezivelayo kuyinto ebucayi kabi.
Kanjalo abasebenzi bathemba labo ababameleyo, futhi laba ababamele kumele bazibandakanye ekwakheni isisombululo esifunakalayo nesidingwa ngabantu. Yilowo nalowo wethu, hhayi izimeneja kuphela, kunoxhaso okumele alwenze ekuphumeleliseni lolu cwaningo kanye nohlelo ngesifo sengculazi, ngaleyo ndlela ukusebenzisana njengeqembu kuyadingeka. Singaphumelela uma singasebenzisana ngokubambisana".
Ukusebenzisana kusho ukwakha nokusebenzisa uhlelo lweHIV/AIDS oluzoba yinzuzo kubo bonke abasebenzi kanjalo neNkampani uqobo lwayo. Lunezinhla ezinhlanu: ukufundisa, ukuhlola, ukunika iziyalo, ukwelashwa kanye nokuphila ngeqholo. IHuntsman ikholelwa ekubambisaneni, ngakho iye yahlanganyela nomkhakha wakwa LifeLine kanye neMboni Yezokuhwebelana eThekwini ukuze kuqhutshwe lolu hlelo. Kodwa ngokunjalo nabasebenzi banesibopho sabo: ukwazi ngesimo sabo ngesifo sengculazi nokuthi bazinakekele kanye nemindeni yabo ngokuthi baphile ngeqholo nokuthi banikeze usizo kwabanye abantu. Umdwebo ongamabhokisana unikeza iqoqa ngemisebenzi kanye nezibopho ezithintekayo kulelo nalelo hlelo olwenziwe.
Click to enlarge
Kunezinto ezine ezinqala okuyizona ezixhase ekuphumeleleni nasekusekeleni uhlelo leHuntsman ngesifo sengculazi kanye nesandulela-ngculazi:
- Ubuholi buqhamuka phezulu ebese buhamba ngamazinga ahlukene. Umphathi, Mnumzane John Billington, nezinhloko zakhe zomnyango zingamalungu aqavile ekomiti lesandulela-ngculazi, ekwengezeni kwabanye abaphathi kanye nabamele abaqashiwe.
- Inkampani ibandakanye zonke izingxenye ekwakheni nasekusebenzisaneni , kusukela ekuhleleni ukuthi kumele abazobe bethamele bakhuthazwe kanjani ngocwaningo oluthinta izifo ezinamandla ekuboneni ukusebenza kwaloluhlelo.
- I-Huntsman ikholelwa ekutheni isifo sengculazi akuyona ?inkinga yakhe noma yabo? kodwa ?yinkinga yethu?. Inselelo okwabelwanayo ngayo idinga ukuzinikela okubambisene.
- Ngesikhathi uhlelo lubhekele isimo samanje, luyabuka futhi ukuthi yini engaba khona esikhathini esingaphambili. Lokho kuthatha kubhekele izimwana zekusasa, imisebenzi kanye nezindleko okusiza ukuthi uhlelo luqhubekele phambili.
Ekukhulumeni nabasebenzi olufinyelela kubona luhlelo babalule ukwesaba ukucwasa kanye nokuphumela obala kuwumshikashika omkhulu okumsamele unqotshwe abantu abaphila negciwane lengculazi. Lena enye yezinto inkampani ezosebenzela phezu kwazo ngonyaka ka 2004.
I-Huntsman Tioxide imemezela lo umbono: "Umgomo wethu osemthethweni owokuthi kube nenani eliphezulu lemisebenzi enohlonze yesizukulwana sakusasa". Kanjalo mayelana nohlelo lwabo lwesifo sengculazi kanye nesandulela ngculazi,lena yiyona nkampani ethathe indawo kusandulela ngculazi kanye nengculazi futhi ibeka uhlelo lukahulumeni lwe" Khomanani? [izikokela zethemba] ekutheni lwenzeke.
Ukuthola ulwazi oluthe xaxa mayelana nohlelo lweHuntsman's HIV/AIDS, sicela uthintane noThemba Gumede noma uSister Di Mayo enombolweni ethi (031) 910 3611.
<
|