Ukuletha impilo: Sinikithemba/UKZN Izivande zemifino
Izivande zemifino zeqembu lokusimamisana Isinikithemba, zasungulwa yiqembu lezitshudeni zaseYunivesuthi yakwa Zulu-Natal njengeprojekthi yabo yokuvolontiya ngoDisemba ka 2004. Baqala bengenalutho ngaphandle nje kwesiqeshana somhlaba kungekho ngisho imali yokuthenga okokutshala engadini.
Isivande saqalwa ngokuhlanganyela neqembu lokusimamisana iSinikithemba elizinze esibhedlela iMcCords eThekwini ngenhloso yokuthasisela emaphaseleni okudla abawathola ohlelweni lweMc Cord/ Sinikithemba/HIVAN Feeding Scheme.
Loluhlelo lokwamukelisa ukudla lwaqala ngo2001njengombono wezitshudeni ezine ezazenza izifundo zePschology, lwabe selukhula ngemizamo ye yesikhungo seHIV/AIDS Networking ihlangene nesikhungo sokusimamisana esikhona ngaphakathi eYunivesithi esibizwa ngeCampus HIV/AIDS Support Unit besebenza ngokuhlanganyela nesibhedlela iMc Cord, eThekwini kanye nesikhungo sokunakekelana iSinikithemba Care Centre. Loluhlelo lunikela njalo nje ngamaphasela okudla okunomsoco kuleyomindeni ethintekile yiSandulelangculazi neNgculazi. Izimali zokuqhuba loluhlela ziphuma kakhulukazi kubasebenzi baseYunivesithi njengomnikelo othathwa njalo ngenyanga emaholweni abo.
Ngesikhathi kusungulwa lephrojekthi yeZivande zemifino, izitshudeni ezazivolontiya zaphuma zingena emikhakheni eyehlukeni yezifundo kuleYunivesithi zikhuthaza abasebenzi nezinye izitshudeni ukuthi babaxhase ngezimali ukuze bakwazi ukuqala umsebenzi. Baphumelela ukuqoqa isamba sika R475 esasetshenziselwa ukuthenga izidingo zokuqala izivande: umquba, umanyolo, indwangu yokuvikela izithombo elangeni, kanye namathuluzi. Baqala ngokutshala izithombo ebabezinikelelwe yisikhungo seHillcrest AIDS Centre Trust: isipinashi, ubhithrudi, uanyanisi nophepha oluhlaza.
Ekuqaleni kwalonyaka ngemva nje kwamaholide izitshudeni zifike izivande sezikhephuzela yimifino ebeziyitshale ngoDisemba odlule.
Ngenxa yokuphana nokuzimisela ukusiza ngokukhipha imali noma ngokutshala umphakathi waseYunivesithi usuwenze ukusungulwa kwalephrojekthi kwaba yimpumelelo enkulu. Umkhankaso wokuqwashisa ngokunikela kulephrojekthi usuqalile ukuze nakulonyaka kuqhutshekwe nokulinywa kwalezizivande, kanye nokunikezela ngamaphasela okudla kumalunga nemindeni yeqembu lokusimamisana.
Ulwazi mayelana nalephrojekthi yeZivande Zemifino nohlelo lokuphana ngamaphasela okudla lutholakala ku: Dudu Zondi oyi HIVAN Community Outreach Co-ordinator kulenombolo yocingo (031)260 2132 noma ku e-mail [email protected]
?
<
|