HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title??Title & Body?? And/Or: Or??And?? eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN?s community Newsletter
HIVAN?s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Lulisandla- Ukuhlangabezana nothando nokuhlonipha impilo

Ngenkathi abeSondela bephendula isimemo sokuvakashela inhlangano iLulisandla Social Outreach Project eseMishini yamaKhatholika eAlbini kaba ngusuku olubalulekile kwabe LUSOP. Umhlanganisi wabo uNkk. Annastasia Kweyama ongumhlengikazi osathatha umhlalaphansi abuye ngumeluleki kwabaneSandulelangculazi neNgculazi, nomlingani wakhe uSister Patricia babematasatasa behlola amavolontiya angu20 ayezoqeqeshelwa ukuthola izitifiketi zokuhlenga abagulela emakhaya.

KulemMishini ephezu kwezigodi zaseNtshongweni eyasungulwa ngo1938, kunekhaya leziNdela ezaziwa njengeSisters of Mary Immaculate Mediatrix of Grace, nesikole samabanga aphansi sabfana namantombazane kanye nesamabanga aphezulu samantombazane kuphela esinendawo yokuhlala. Njengamanje uFata Jbulani Mtolo nguye ophethe kuleMishini. Amakhosazane asebenzisana neLulisandla Project ukunciphisa ubuphofu obuhlasele kulendawo kanti babye baqwashise abadala nabancane ngokuvikelwa nokunakekelwa kwalabo abaneSandulelangculazi neNgculazi.

UNkk. Kweyama ozinekele okholwenoi nasekusizeni umphakathi wakubo, useqhube iLUSOP kusukela iqala ngo2001 elandela ezinyathelweni zikaFata Neal Frank owaqala loluhlelo ngesikhathi sokuphatha kwakhe njengoMpriste kulePherishi. Uyilungu le Ward 7 HIV/AIDS Forum okuyilapho ahlangana khona nabasebenzi baseHIVAN Community Engagement eminyak4enimemibili edlule.

Lephrojekthi ithola osabelo esincane sezimali kanti incike kakhulu eminikelweni nemadlana etholakala ngokudayisa amasekeni. UNkk. Kweyama ukhipha kwelakhe iphakethe ukuze akhokhele ucingo futhi athele uphethroli. Njalongenyanga uyazama ukuya esibhedlela eAdington ukuyolanda izinsiza zokunakekela abagulela emakhaya
okuyizibulalamagciwane, uvolo, amagilavu nephalishi lempilo. Uthi:? amabhokisi makhulu kanti nemoto yami incane?. ?Sekufiwe kakhulu endaweni yakithi ngenxa yesifo seNgculazi, kanti kusukela nje ngoMeyi 2004 kuze kube nguJanuwari kulonyaka sesenakekele abagulayo abangu600. Kuyathokozisa nokho ukubona iningi labantu likhuthalela ukuyohlolela igciwane leSandilelangculazi nokuphumela obala ngesimo sabo, lokhu kwenza sikwazi ukubadlulisela emtholampilo nasesibhedlela eSt. Mary?s ukuze belashwe uma kunesidingo.?

UNkk. Kweyama uziqhenya kufanele ngomsebenzi weLUSOP njengoba baqeqesha amavolontiya angu40 ngo 2004 kanti ingxenye yawo isaqhubeka nokusebenza kulendima yokunakekela abagulela emakhaya. Abathathu kulabomame sebeqashwe yinhlangano ebizwa ngokuthi yiGozololo esebenza emphakathini ukunakekela izingane ezisengcupheni ndaweni thize khona lapha eKZN.IMishini yaseAlbini isinikelele lephrojekhti ngebhilidi elinamakamelo amabili nendlu yangasese ukuze kuqeqeshelwe khona futhi kwezinwe nomsebenzi wehhovisi kugcinwe wonke imininingwane yeziguli nokunye. ?Kuqeqeshwa mahhala?, uyachaza kodwa amavolontiya kumele asebenze kulendawo okungenai izinyanga eziyisi-6. Amavolontiya aye azithele phezu kwezingane eziyizintandane, ezigulayo nalezo ezilahliwe. Sesithole imindeni engu18 enezingane ezingenabani kodwa ezienakekelwa ngezinye izingane noma ogogo kuphela.

UNkk. Kweyama unobunyoninco bokugcina imininingwane yeziguli neyeminikelo. Ukubhala konke phansi konke okwenzekayo, ukuvakashelwa, usizo, ukudla noma noma izinsiza zokwelapha. Okunye okumphatha kabi izinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi kanye nokukhulelwa kwentsha.? Sikhipha amaphasela okudla samukelise abantulayo. Lokhu sikwenza ngokukhulu ukuucophelela ngoba akukuningi futhi akufinyeleli kubobonke. Isikhwama sempuphu esingu12,5 sisicazela idlanzana lomakhelwane. Amaphasela siwakhipha ngohlelo lokuzungezisa ukuze kugcine sekuthole wonke umuntu.?

I LUSOP ivame ukuhlela izifundo zokufundisa ngeSandulealangculazi neNgculazi ezikoleni zendawo. Kanti ngokusebenzisana neMishini kuba nezinhlelo zemigidi yokuqwashisa kusetshenziswa izinsuku ezibalulekile njengoSuku Lwentsha, uSuku lweNkululeko noSuku lweNgculazi emhlabeni jikelele . Lokhu kuba yimigidi yeshashalazi eyenziwa emagcekeni ebandla. ?Siye simeme isikhulumi sosuku esizokhulumela phezu kwesihloko esikhethekuile esifanelene nalomomgubho bese kuthi intsha yona yenze imidlao yasesteji? kusho uNkk. Kweyama. Uphinde futhi asabalalise okuqukethe ulwazi ngeSandulelangculazi neNgculazi, amapheshana, amashadi njll. futhi uzimisele ukusabalalisa izinhlelo zeLUSOP.

Ubonga kakhulu iziNdela zakuleMishini ngosizo lwazo kulephrojekthi. Inkosazane uSister Patricia nguye omsizayo ukuvivinya amavolontiya kanye nasezindabeni zokuphathwa komsebenzi. Abanye kulabo abasuke bezoqeqeshwa basuke benalo igciwane leSandulelangculazi. Baye baziveze ukuze bandies ulwazi lwabo ngezindlela lesisisfo esithathelana ngazo futhi ukuze basize nabanye abasuke besezizwa bebodwa ngenxa yokwesabela isigcwagcwa nokuhlukumezeka komzimba okudalwa yilesisifo.
Ngesikhathi izingane zigxumagxuma zijatshuliswa ukuthatha izithombe umfanekiso kaMame uMariya ophezu komnyango wendlu yesonto wawufanekisa ngokusobala uthando olungazenzisi nokuhlonipha impilo okubonakala kulabomame. Nonoma kufika izikhathi zosizi, bahlalisana ethembeni ngokululeka, ukwakha, ukuxhumana nukunakekela ukuze bonke abasondelene nabo: amadoda amakhosikazi nezingane bakwazi ukuqhubeka nempilo.

Uma ungaba nakho okokusiza uNkk. Kweyama nabeLUSOP noma ngaluphi
uhlobo ungashyela kulenombolo: (031) 775 1309 noma umhbalele kuleli kheli P O Box 293, Hammersdale, 3700. IMishini yaseAlbini ikuRoad D210 eNtshongweni.

?

?

<

TOP
?

? Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape