?
BASONDEALA EDUZE?IZIMPENDULO ZABAFUNDI
Ithimba likaSondela selithole imiyalezo eminingana ekhombisa ukweseka nokichazwa izigamu ezimbili zokuqala zephephambiko (newsletter).
UMusa Mayisela ovela kwa National Community Radio Forum (NRCF) wabhala: ?Imisakazo eminingi yazithola zomabili izigamu zika-Sondela. Sibonga kakhulu ngokubonakalisa iNCRF emphakathini. Lokhu sekuholele ezinye izinhlangano ezizimele zizimisele ekusebenzisaneni nathi kwezinye izinhlelo ezahlukene abanazo ?.?
Patricia Manele ovela kwa NCFR Gender Network wacabanga ukuthi leliphephambiko ?lihle kakhulu? futhi wathumela imibhalo emibili ukuze ishicilwele kwi-website yakwaHIVAN nagphansi kwesihloko sokulingana ngobulili. Sizoshicilela eyodwa yalezi kuSondela ka June noma ngoJuly 2003.
Emma Mortimer ovela kwa Thandanani Children?s Forum wabhala: Sicabanga ukuthi uSondela uwumqondo omuhle futhi unikeza ulwazi oluningi kuneminye imibhalo eshicilelwayo okwangamanje.
Thabisile Buthelezi ovela Edgewood College ucele amakhophi amaningi ukuze anikeze abafundi kanye nabanye abantu abaziyo, futhi noPhumzile ovela kwa World Vision S A Child Survival Project eBergville usitshelile ukuthi libaluleke kangakanani leliphephambiko ezinhlelweni zemiphakathi.
Uhla lwabamukela leliphephambiko selukhule ngokushesha kulezizinyanga eziyi-6 ezedlule,neposi elingafinyeleli / elibuyayo lincane kakhulu manje, futhi siyakuthokoza ukwazi ukuthi uSondela uyazifeza izinhloso zokuba abantu basondele eduze?.
Njengasemihleni, siyanimema ukuba nikhulume nathi ngemicabango, ulwazi, izigameko enihlangabezene nazo kanye nesingabathumela. Kungabe unombono onawo mayelana nokuxhumana okunesigqi? Umbuzo kongcweti? Izindlela ezingcono ukuthola imithi kanye nezikhungo zokunakekela? Bonke abafundi bakaSondela bangazuza olwazini nasemibuzweni onayo.
Joyina idathabheysi nohla lweposi:
UHIVAN uqoqa uhla lwamagama, imininingwane yokukuthinta kanye nezinto ezenziwa abantu ngokufingqiwe, izinhlangano, ucwaningo kanye nezinhlelo zokuxhumanisa mayelana ne-HIV/AIDS KwaZulu-Natal nangaphandle. Sifuna ukwenza loluhla lokurejista lutholakale kubantu abaningi, ukuze odinga ulwazi akwazi ukuyisebenzisa njengengomhlahlandlela. Irejista itholakala kwi-website nakumafomzi (ngokutholakala kwezimali). Uma ufuna ukuregista, noma kukhona omaziyo okumelwe abe kwirejista, sicela usithinte. Futhi uma ufisa ukuthola amanye amakhophi kaSONDELA, noma umbono ngezindawo ezintsha esingathumelela khona iphephambiko, sicela usazise.
SONDELA EDUZA! SITHINTE:
The Editor: SONDELA
Centre for HIV/AIDS Networking
c/o Campus HIV/AIDS Support Unit
University of KwaZulu-Natal, Durban 4041
Ucingo: (031) 260 2975
I-Fax: (031) 260 2397
E-mail: [email protected]
?
<
|