Amalungelo Nokumele kwenziwe ? Ababoshwa Ne-HIV/AIDS
Inkonzo yesikhumbuzo seziboshwa ezashona ngenxa ye HIV/AIDS nalezo ezisaphila nayo, yenziwa iNhlangano yamaLungelo oLuntu eMajele aseNingizimu Afrika (SAPOHR). Lenkonzo yabe isejele lase Westville ngo- October 2002. Umqondisi omkhulu we-SAPOHR,uDerrick Mdluli, wachaza lolosuku njengethuba kulabo kulabo abeza ukukhumbula ukufa kozakwabo nge-AIDS kanye nokukhulekela labo abaphila negciwane egazini nasemiphakthini abavela kuyo.
?Bonke abaphila neHIV egazini bayingxenye yethu,? washo njalo. ?Bangabafowethu nodadewethu, yize noma besejele.? Umdluli wanxusa ukusabalalisa ukuqwashiswa kwabantu ngesidingo sokuxazulula inkinga yokugcwala kakhulu emajele, ukugcina abadala nabancane ngokuhlukana ejele kanye noku vimbela ukusetshenziswa kwezinaliti (needles) nokusikayo (razor blades). ?Kodwa nababoshiwe banendima yabo,? egcizelela. ?Kumele bathathe isinqumo ngokuzivikela futhi bazi isimo sabo seHIV ngokuthi bahlolwe iHIV. Likhona ikusasa labo lokunakekelwa, kodwa uma kukhona ukuphumela obala ngalesifo.?
Umcimbi wawuthanyelwe ngabaholibezenkolo abanohlonze KwaZulu-Natal, nenhlangano yesizwe yabantu abaphila neAIDS (NAPWA), ikhomishini yentsha yesiwze kanye nekhansela leAIDS eThekwini.
Emva kokukhanyisa ikhandlela lesikhumbuzo, u-Imam Osman wanxhusa abaholi nomphakathi ukubona isibindi salabo ababhekene nesizungu, ukuhlala bodwana kanye nobuhlungu beHIV/AIDS emzimbeni. ?Lesi isifo esiyinkinga futhi esingelapheki, laba bayizingqalabutho endleleni yokuthola isixazululo,? washo njalo. ?Izimpilo zabo azingapheleli obala. Sicela uxolo ngokungabaphathi ngendlela enenhlonipho.?
Emva kokuthi iThembalana Catholic choir kanye ne Westville Prisners choir sebecule amaculo amnandi,amahubo okuthokoza nokujabulela impilo, uMfu Davidovela eFull Gospel Church of SA wakhuluma, esho ukuthi insindiso yayidingkeka emzimbeni nasemiphefumulweni yababoshw abaneHIV/AIDS kanye nakubo bonke labo ababathandayo nabasizana nabo. ?Sidinga ubumbano, inhlakanipho, uthando namandla kubaholi bethu,? washo njalo.
Ekhulumela iMethodist Church yase-SA, iBhishobhi Malinga washo ukuthi iHIV/AIDS iyona ebalulekile kakhulu ezintweni ababhekene nazo, kodwa wazinikela ngoku amaMetodist asebenze kulelo jele laseWestiville, futhi wacela inselelo kuhulumeni ukuba alungise izimo zasemajele ukuze kwehle ukusabalala kweHIV emajele. ?Sonke kumele sihloniphe amalungelo ababoshiwe njengabantu abaphilayo,? washo njalo. ?Bangaba badala, babe
bancane, babe ngabethu noma cha ? kodwa bonke bangabethu futhi bazelwe ngabesifazane abadinga imikhuleko evela kithi sonke. Imiphakathi kumele ibamukele futhi ibasize ababuyela emakhaya bedinga ukuqala impilo kabusha.?
Usizwe Shezi, weKhomishini Yentsha eNingizimu Afrika, oyilunga le SANAC (SA National AIDS Council), wakhumbuza izethameli ukuthi sonke singabantu abawenzayo amaphutha ngezinye izikhathi, kodwa singakwazi ukushintsha isimo esiphila kuso. ?Yize noma lesifo siyinhlekelele,? kusho yena, ?akuyona inselelo yokuqala emlandweni wase Ningizimu Afrika, futhi akuqali ukuba ukwesabiseka ngokungaphephi. Ukwazi kwethu ukuthi kumele sibhekane nalesifo iminyaka eyi-10 noma engama-20, kuletha umbuzo wokuthi sizokwenza kanjani loko njengomphakathi??
Wanxusa izinhlangano zenkolo ukuba zikhulume ngezinto ezifana nesihluku nokudlwengulwa kwabesifazane nabantwana, kanye nokusizwa kwentsha ekubuyiseni isimilo esihle. ?Kumele siyeke ukudonsisana,? kusho yena. ?Kumela kuphele ukukhombana ? isikhathi sokwenza. Sonke kumele sibe izishoshovu ezilwela ukulingana/ukuhloniphana kobulili, amalungelo abantwana kanye nokubuyiselwa kwezimilo zababoshw.?
Ehlaba umkhosi ngokulungiswa kwamajele, uMfundisi OT Dlamini wakhulumela iThekwini AIDS Council futhi washo ukuzibandakanya neSAPOHR ngoku nikeza mahhala uqeqesho nezinto zokusiza ?ukwelulekwa nokuhlola ngokuzikhethela - VCT?, ukunakekela okuzinze emakhaya (home based care), nokufundisana kontanganye (peer education). ?Ababoshwa kumele basizwe emizamweni yabo yokulungisa emphakathini emva kokukhululwa kwabo,? kusho yena, ?ukuze bakwazi ukugcineka emizamweni yokuvimbela nokwelhlisa ubungozi bokusabalalisa iHIV noma batheleleke ngeHIV kaningi.? Wabuye wanxusa izikanampani nezinhlangano ezizimele ukuba zifake isandla.
Ucardinal Wilfred Napier wathi wonke umuntu wayo yonke inkolo nazo zonke izikhungo kumele azihlole bese elawula inkolelo nokuziphatha kwakhe. ?Izenzo zethu ziyohlale zisilandela sonke,? washo njalo. ?Asibhekelelane bese yiko konke okugqugquzela udlame, izinhlupho kanye nokuphula umthetho. Asime siqonde bese sizabalazela imibono namaphupho ethu aphakeme, hhayi aphansi.?
<
|