HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title??Title & Body?? And/Or: Or??And?? eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN?s community Newsletter
HIVAN?s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

Iminikelo yeThemba Lethu Transition Home nge World AIDS Day

Ukukhombisa usuku lwe-AIDS emhlabeni wonke, iCampus HIV/AIDS Unit eseNyuvesi yaseNatali eThekwini kanye negatsha lalenyuvesi le Treatment Action Campaign (TAC) bahlela ukuba nomcimbi wokuqongelela imali ye-khaya, Ithemba Lethu Transition Home.

Ithemba Lethu inhlangano yokuzikhethela, eyasungulwa ngo November ku-2002, endaweni yeseCato Manor, eThekwini, inikeza ikhaya lesikhashana kubantwana abalahlwe gnabazali babo noma ezintandaneni zeHIV/AIDS. Lenhlangano ingeyobuKristu, ezimpandeni zayo eGlenridge Church International eThekwini.

Ngesikhathi abantwana bekuleli Khaya lesiKhashana, bavikelekile, bayathandwafuthi bayathandazelwa, ababanakekelayo banombono/isifiso (vision) ngalabantwana ukuba kuphole isilonda sokuhlukumezeka kulabantwana. Noma beguliswa inoma yini bayelashwa, bese befundiswa ngokweminyaka yabo.

Ithemba Lethu lisiza abantwana nalabo asebekhulile isizathu sokuqhuba impilo ngokubona ukubaluleka kwayo nangokwamukela ngokomoya (spiritual inheritance) nokuba yingxenye yekhaya noma ubuhlobo obuvikelekile. Lelikhaya liqukatha izingane ezingu-6 ukuzinakekela ngesikhathi esisodwa, kusukela ezinganeni ezinezinyanga ezingu-18 ubudala. Ngesikhathi labantwana befika nje kuleKhaya, kube sekuqala ukuba ngaphansi kwabazali abazobakhulisa.

Abasebenza eCampus HIV/AIDS Support Unit babonga bonke abafundi bakulenyuvesi kanye nabasebenzi bakhona abanikela imali yalomsebenzi obalulukile kangaka. Isamba esingu R 643-96 yaqongelelwa. Nisebenzile ngokuletha ithemba kubantwana base iThemba Lethu.

Ukuthola kabanzi nge iThemba Lethu:
Ucingo / ifax: (031) 261 7723
Ikheli: PO Box 41138, Rossburg 4072, KZN
Email: [email protected]
Vakashela iwebsite ku: www.ithembalethu.org.za

<

TOP
?

? Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape