UMPHAKATHI WASE NYUVESI UNIKELA KWI HILLCREST AIDS CENTRE TRUST (HACT)
Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, uphiko lwabanakekela nge HIV/AIDS eNyuvesi yase Natali eseThekwini lwenza isicelo kubafundi nabasebenzi ukuba banikele ngezingubo zokwembatha nezokugqoka. Lokhu kwabe kudingeka ngokushesha e-Hillcrest AIDS Centre Trust (HACT).
I-Hillcrest AIDS Centre, izinze e-KZN, endaweni yase Valley of Thousand Hills, yasungulwa eminyakeni eyevile kweyishumi eyedlule. I-HACT yamukela leminikelo bese iyihlukanisela emiphakathini edingayo ehlaselwe iHIV/AIDS nakwabanye abangenamakhaya.
Isicela sokunikela siyaqhubeka futhi izinto ezifana nama-plastiki, nezitsha zamaglazi ziyalethwa. I-HACT ikusebenzisa lokhu uma ihambela emakhaya alabo abaguleyo, ukuphakela ukudla, ukugcina imithi kanye nokunye. Uphiko lwabanakekela nge HIV/AIDS eNyuvesi yase Natali lusa qhubeka nokwamukela iminikelo emphakathini wabafundi nabasebenzi basenyuvesi.
<
|