HOME
hiv911
Search the database online or call the HIV911 helpline

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title??Title & Body?? And/Or: Or??And?? eg. HIV/AIDS, nutrition


HIVAN?s community Newsletter
HIVAN?s sectoral networking brief
Forum Reports

Events Diary
Funding Opportunities
HEART

Site designed and maintained by Immedia

?

Sinikithemba choir isebenzise

Lisinika Ithemba ? Iqembu lomculo lase McCord Hospital liyaphesheya kwezilwandle eUSA

Iqembu lezomculo, I-Mc Cord Hospital Sinikithemba choir isebenzise amaphimbo ayo amnandi ogwini oluseMpumalanga kwelase-Melika (USA) ngo-November ka 2002, ngesikhathi isohambweni lokuthuthukisa isikhwama sezimali sezinhlelo ze-AIDS ye Church World Services in Africa.

Leliqembu linabaculi abangu 21 abahlukunyezwe iHIV/AIDS, bebeshiyelana inkundla nabaculi abasezingeni eliphezulu, omunye wabo yilowo owazuza isicoco sama Grammy Awards u Tim Janis e New York, Connecticut,

Massachusetts, New Hampshire, Filadelfia, nase Washington DC. ?Loluhambo lwalandela ?umsebenzi omuhle kakhulu wethemba?, ?Symphony of Hope? wekhonsathi lokuthuthukisa isikhwama owawuse Thekwini ngo 2002? kusho uDr Helga Holst, ongunsumpa wesibhedlela iMcCord Hospital. Uthi ukucula kwaleliqembu kuzosiza ? ?ukubeka isithombe ngobuse bomuntu kwinhlekelele ye-HIV/AIDS kanye nokukhombisa ukuthi labo abahlukumezwe umashayabhuqe bangasizakala ngothanda nokwamukeleka.?

I-Sinikithemba HIV/AIDS Christian Care Centre, yasungulwa ngo 1996, izinze esibhedlela McCord ese Overport, eThekwini. Inekeza uhlelo olugcwele lwezempilo kulabo abaguliswa iHIV/AIDS, olubandakanya ezenhlalakahle, izeluleko, uqeqesho, unakekelo lwezenkolo nezempilo, imisebenzi yokuzingenisela umali kanye nemishanguzo yokuthiba /yokudambisa igciwane. Umqondisi wale Senta, uMrs Nonhlanhla Mhlongo, uyachaza ukuthi abantu abaphila nesandulela ngculazi bangumphakathi onganakiwe futhi odinga usizo ngayo yonke indlela.

?Sinika abantu izeluleko ngaphambi kanye nangemuva kokuhlolwa kwegazi siluleke nalabo abashonelwe, amaqembu okukhuthaza, sinikeza ulwazi oluqwashisayo ngeHIV/AIDS nangezenhlalakahle, ithuba lokukhetha imithi kanye nokubhekelelwa komzimba,? usho njalo. ?Izinhlelo zethu zokuqeqesha amakhono zisiza iziguli zizisebensele ngobuhlalo, ngokuthunga kanye nangocingo, yize noma ukudayiswa kwezimpahla yabo kunezinkinga.

Noma kunjalo, kuyanyuka ukudingeka komsebenzi weSinikithemba, ngaphandle kweziguli nokunakekela umphakathi okubandakanya ukondliwa kwamakhaya antulayo akhahlamezwe iHIV/AIDS, kukhona namasonto nezimboni ezizuzayo ohlelweni lokuqeqeshelwa ukwaluleka.

U Dr Holst wahamba neqembu eliculayo, hhayi nje ukunikela usizo lokwelapha uma ludingeka, kodwa ukusungula uxhumano nezikhungo ezinakela nge AIDS eNyuvesi yaseHarvard, eBoston nase naseNyivesi yase-Yale,eNew Haven. Uhambo lwakhe lwaluxhaswe uHIVAN, njenge ngxenye yohlelo iJob Shadow Programme. ?Sithemba ukuthi iSinikithemba izokwazi ukusebenzisana nalabo abase Yale nase Harvard ukushintshisana ngolwazi nezinhlelo kanye nezinye izinto.

Kunokunyuka kokuxhaswa yizakhamizi kanye neminyango ehlukene eKZN. Okusha nje uhambo lwekhonsathi ye-khwaya, eyayixhaswe I Church World Services kanye ne Swiss funder. Isiteshi somsakazo, I-East Coast Radio sagqhugqhuzela ukutholakala kwezinto zokwembatha ukufudumeza abaculi ohambweni lwabo. ?Impendulo yaba yisimangaliso? kusho uDr Holst.

?Umphakathi wanikela ngezingubo ezanele izidingo zabaculi kwathi ezasala lapho zanikelwa emindenini yeziguli ezintulayo.? Isiteshi somakazo samukela imiyalezo engaphezu kwama-400 evela emphakathini ofuna ukusiza.

Kuyabonakala ukuthi kube nenjabulo enkulu ngohambo lwekhonsathi nokukhishwa kwesidi yehkonsathi I?Symphony of Hope?. Ngakho umsebenzi waSinikithemba unika ithemba emazingeni amaningi, futhi abantu kuyo yonke eKZN bayakhuleka futhi bayaziqhenya ngemisebenzi zekhwaya.

Ukuthola ulwazi ngohlelo lwe Job Shadow Programme yaHIVAN:
e-mail: [email protected]
Tel: 27 (031) 268 5809
Fax: 27 (031) 209 8883
Postal: HIVAN, P O Box 36757 Overport, 4067, KwaZulu-Natal

CONTACT:

Mrs N B Mhlongo
Sinikithemba Centre
McCord Hospital
28 McCord Road
Durban 4001
P O Box 37587, Overport 4067, KZN
Tel: 27 (0)31 268 5728/5718
Fax: 27 (0)31 207 2789
Cell: 082 955 2034
e-mail: [email protected]

<

TOP
?

? Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape