Masibambane
Njengengxenye yohlelo locwaningo, iHIVAN ixhase iprojethi ebheka "Ukwenza Komphakathi Mayelana ne HIV/AIDS KwaZulu-Natali", emsebenzini emikhulu nemincane eyenziwa imiphakathi ebambe iqhaza ekwenzeni izinhlelo zibe impumelelo. Abacwaningi basemphakathini uS?bongile Maimane kanye no Zweni Sibiya babehambisana no Judith King ovela ophikweni lokucoshela izindaba eHIVAN ukuvakashela esigcemeni seprojethi yase Adams Mission.
IMasibambane igama leprojethi ye YMCA eKZN eqondene nohlelo lweHIV/AIDS eAdams Mission, okuyindawo encane enomphakathi ongenalutho eduze kwaseManzimtoti, eningizimu neTheku KwaZulu-Natal.
Ongumxhumanisi kuleprojethi, eyethulwa ngo 2001, uOziel Mdletshe oyinsizwa ebukekayo, enomdlandla futhi ezinikelayo emsebenzini, unomoya onobunene ngokuchazayo. Sisaxoxisana naye ngaphakathi lapho kunamakamelo amane eMasibambane Centre, ukudalula isimo sakhe se-HIV kwabonakala kuyinto evela ngaphakathi kuye. Unolwazi ngokungathandeki kwe-HIV nokuthi ibukeka njenge chilo emphakathini wakhe, kodwa lokhu kuyayisabalalisa kugcine kufe abaningi kabuhlungu buthule bengenakutshela muntu.
"Sengiphile neHIV egazini iminyaka eyi-6," kusho yena, "futhi ngikholwa ukuthi ithemba lokumelana lesifo ukuthi wazi ukuthi unalo noma cha egazini bese uphila ngokukhululekile, ngaphandle komthwalo obuhlungu wokufihla iqiniso kubantu." Uoziel wajoyina inhlangano iYMCA ngengomunye wabaphila neHIV egazini, kusuka ngalesosikhathi wayibona iYMCA ingabandlululi ukuthi ubani one-HIV noma ongenayo kubasebenzi bayo. "Akekho uthina noma bona", uyachaza, akukho muntu obekelwe ukwenza umsebenzi oqondene neHIV/AIDS ngoba nje esesimweni sokubane-HIV. Siyadinga ukubonisana nabaPhathibasenzi ngenzuzo kanye nemithetho, kodwa sivele sikhona isifiso sokuhlanganisa nokunakekela bonke abasebenzi kulenhlangano.
Umuthi osetshenziswa uOziel yilowo othengwa emakhemisi owakhiwe ngamakhambi emvelo, obizwa ngokuthi iModucare, uwuthola umsiza kakhulu ukunika amasosha omzimba amandla. Uyagijima, azivocavoce umzimba futhi adle ukudla okunempilo, kodwa uzwa sengathi ukuzinikela kulomsebenzi weprojethi ikona okusmindisa umphefumulo nje kukodwa.
"Ukuqala isenta kwabalukhuni," kukhumbula uOziel. "Saqala ngokubheka izimo ezisemphakathini ngalesifo kwase kucaca ukuthi izinkinga zimbili okwakuyi hlazo / ichilo le-HIV bese kuba unkugabi khona kwezinto zokusebenza. Abantu bendawo kwakudingeka ukuba baye esibhedlela esiseThekwini eMakhodi (McCord) ukuze bathole usizo kwabanye abantu abanesifo se-HIV/AIDS, kwazise amakliniki asendaweni ayengenalusizo entsheni. Sazama ukusungula isigungu sokunakekela (support groups), kodwa ngenxa yokusaba ukudalula isimo seHIV, konke loko akuphumelelanga.
Noma kunjalo, uOziel neqembu lakhe baphikelela emizamweni yabo, nemibhidlango yokwaluleka nokusabalalisa ulwazi lwafinyelela emiphakathini. Laya ngokwanda inani labantu abaphumela obala, beza emihlanganweni, bafika nakwiSenta yabo, becela nokuhanjelwa emakhaya kwaze kwalandela nohlelo lokufundisana kwabasezingeni elilinganayo (peer education programme). "Ngokuxhumanisa uhlaka lwezempilo kanye nezinhlangano ezizimele NGO's" kusho uOziel, "sebekwazile ukufundisa ubuhlakani bempilo, izeluleko ngokuqongelela imali, ukuqwashisa ngobulili, ukukhulelwa, izifo zocansi, amalungelo abantu kanye nokuvikelwa kokuthathelana kweHIV esuka kumama iya emntwaneni. Manje sinezigungu ezine ezisebenza ngqo nentsha nabesifazane, abaseminyakeni engama 20 kuya ku-35 ubudala.
UOziel uzimisele ukumema abesilisa babe baningana kule projethi, ithimba lakhe lizimisele ukusebenzisa izikhathi ezifana nosuku lwezithandani ukubhekana nokuqwashisa izithandani nge-HIV/AIDS. "Siyazibandakanya nemizamo yezinkampani ezifana noSoseshini waShukela eNingizimu Afrika (S A Sugar Association), enochungechunge lwemihlangano efundisa ngokudla neHIV/AIDS."
UMarcia Mazibuko umsebenzi wentsha kwiprojethi azisungulela yena uqobo edlala indima yobasebenzi bezempilo emphakathini, njengokuhambela amakhaya abagulayo, nokuhambisa ohlukumezwe iHIV ukuya esibhedlela. "Akukho lutho olutheni okusizayo uma uvolontiya lapha," uyachaza, "ngoba kusenechilo/ihlazo elikhulu nobandlululo oluhlanganiswa nesifo seHIV/AIDS."
Uyakuqaphela ukuthi izinga lezintandane likhuphuka ngamandla emphakathi owakhelene naseZimbokodweno (Umbongitwini). Sidinga izimali ngendlela eyisimanga ukuze sinakekele ngokwanele izingane bese siba nendawo yokugcina labantwana ? singenza okukhulu uma besingathola izinto ezidingekayo.
UMarcia ukhumbula futhi ukuthi kwabayinkinga kangakanani ukuqeda
ukuziba nokuthula cwaka ngendaba ye-HIV/AIDS ngesikhathi kusaqala umsebenzi wesenta. "Ekuqaleni, akukho muntu oweza emihlanganweni yesigungu esinakekela nge-HIV/AIDS. Kwathi nalabo abambalwa ababeza banyamalala, noma babonane nabeluleki babo ngasese ukuzwakalisa izidingo zabo."
Wakhombisa ukuba qatha okukhulu ngesikhathi echaza ukuhlupheka akubona nsukuzonke, kodwa uthi ngamalungu ezigungu zokunakekela ezamsiza, bona kanye labantu abasosizini bayamgqugquzela. "Uma ngizwa ngikhathazekile futhi ngiphelelwa amandla okusiza" uchaza ngokumamatheka okunothando, "ngiyabacela ukuba bazongihlalisa ngize ngibuyele emandleni."
Kwathi ntambama, emva kokuya eResource Centre yase Adams sabingelela abasebenzi bakhona, sabe sesivakashela isikole I-DrNembula High School, esaqanjwa ngegama ladokotela wokuqala omnyama eNingizimu Afrika. Uthishanhloko, uMnum L E Dludla, ozinikele ekufundiseni unephupho eliqhakazile ngesikole. "Esizimisele ngako kuqala ukuba namakhompyutha abafundi," Umnum Dludla echaza. Sicabanga ukuthi amakhompyutha awabalulekanga ngokufundisa nje kuphela kodwa nabantwana bazozuza uqeqesho lwe-technology ezokwenza ncono isimo semisebenzi yekusasa labo. Ukuze sibe namakhompyutha, sidinga indlu ebandisiwe (air conditioned room) nezinhlelo ezibalulekile kulamakhompyutha."
Ikomidi lesikole lemicimbi lihlela ukuba nemicimbi emibili yokuqongelela imali, usuku lokunikwa kwemiklomelo nosuku luka Dr Nembula. "Usuku lokunikwa kwemiklomelo kuhloswe ngalo ukuba abafundi baphokophele ukuzuza okuthile, into ezobanika umdlandla wokuhlomula kusasa," kusho uMnum Dludla. "Usuku luka Dr Nembula luyogujwa ukukhumbula nokuhlonipha ubudoda bakhe, kungekona ukuviselela ulwazi ngomsebenzi nempilo yakhe kuphela, kodwa nokumcacisa ngokusobala njengesibonelo esihle kubafundi."
Ukuze lemicimbi yomibili ibe yimpumelelo, kudingeka abaxhasi. "Sidinga imiklomelo efana nemifundaze, izincwadi, izimpahla zase laboratory, imidwebo kanye nezimali zokwakha kabusha izakhiwo zesikole, esezidilika," kusho uMnum Dludla. "lona ngumphakathi ongenalutho okwangempela, ngakho abazali abakwazi ukubamba iqhaza ekugcineni izakhiwo zesikole esimweni."
Sabe sesihlangana namalunga esigungu esilawula isikole (governing body) ango: Mnum S P Cele (uSihlalo), Mnum N R Gudazi (isekela lika thishanhloko), Mnum D R Shange (Ophethe Kwezezilimi), Mnum J Pillay (Ophethe ezesayensi), Mnum R N Makhanya (Ophethe ezoluntu) kanye noMnum J Dlamini. Ukuzwakalisa uvo lwabo nge-HIV/AIDS, babona ukuthi imithi yokushanguza (treatment) iHIV iyona ebalulekile embidlangweni wokuqwashisa.
Bazwakalisa imibono eqinile ngohulumeni maqondana nembangela yokuhlobana kwegciwane iHIV neNgculazi (AIDS), bethi uhulumeni udale ukudideka okukhulu emiphakathini futhi loko kudale ukuthathela ekutholeni isixazululo enkingeni yokusabalala okusheshayo kwesifo se-HIV/AIDS. Bayahambelana nesicelo seqembu labasebenzi iCOSATU sokuba kubekhona imali ebanjwa emholweni wabasebenzi njalo ngenyanga ukuze kwakhiwe isikhwama semithi (HIV treatment) yeHIV. "Isikhwama sabasebenzi siyisinyathelo esihle impela," basho njalo, "kodwa ke ubani ozobe esebenza uma abasebenzi begula futhi bebulawa izifo/ukugula ezibangelwa iHIV/AIDS?"
Isigungu esilawula isikole siyayeseka kakhulu iMasibambane iprojethi yeYMCA. "Siyithokozela imisebenzi yokwaluleka eyenziwa yile Projethi kubafundi balesikole nasemphakathini wokana," kusho uMnum Dludla, "futhi nangokusiza ukwehlisa ukusabeka nehlazo lalesifo. Thina, njengomphakathi, sidinga ukubheka iHIV/AIDS njengazo zonke izifo futhi sizimisele njengomphakathi ukusiza ukuqhuba umsebenzi we YMCA ngayo yonke indlela esingenza ngayo.
Masibambane ngempela.
CONTACT:
Mr L E Dludla
Dr Nembula High School
P O Adams Mission
Adams Mission
4100
Tel: 27 (0) 31 905 1180
|
Mr Oziel Mdletshe
Co-ordinator: YMCA KHAOP
P O Adams Mission
Adams Mission
4100
Cell: 083 470 6699
Tel: 27 (0) 31 905 1424
Or 27 (0) 31 916 1112
Email: [email protected]
|
Ms Carol-ann Foulis
Community Responses to HIV/AIDS
Research Project
Room 201 Memorial Tower Building
University of KwaZulu-Natal, Durban 4041
Tel: 27 (0) 31 260 2279
Fax: 27 (0) 31 260 2347
e-mail: [email protected]
|
?
|
<
|