HOME

Search ARTICLES/RESOURCES
By: Title??Title & Body?? And/Or: Or??And?? eg. HIV/AIDS, nutrition


Events Diary

Funding Opportunities

Site designed and maintained by Immedia

Ezicathulweni zabo?

Izingane eziphila ekuhluphekeni zidinga ukuvikeleka ekulahlweni nasekuhlukumezzekeni ngazo zonke izindlela, kodwa-ke njengoba isihlava seNgculazi sihlakaza izinhlaka zemindeni nomakhelwane, sithola izingane, zingazodwana noma zingamaqoqwana, zizama ukuphatha nokugcina amakhaya njengandawo ehlelekile nephephile.

Ngoba izingane ziyezwela kakhulu futhi zingumthombo kulezizinto, imibono yazo, ubuhlakani, namathalente azo kanye nokuphendula kwazo kubalulekile ekuqondeni kahle ukuthi lesisihlava singena futhi siyicekela kanjani phansi imindeni kanye nemiphakathi. Imibono yazo isenza sihleke, sikhale, sidinwe, sikhathazeke kodwa ngisho nasezimweni ezimbi kanjani, zingajabula kanti futhi zingabenza abanye bajabule. Abantu abadala abaze bangabona ukuthi izingane, zibona, zizwa futhi zazi kanjani. Sihlale sicabanga ukuthi siyazazi izimpendulo ngoba sibadala, kodwa izingane zikwazi kahle ukuhlola izimo futhi zenze izinhlelo ezisebenzayo zokuthuthukisa izimpilo zazo. Sonke sifanele ukuzwa ubuhlakani bezingane.

Ngalesisizathu-ke, kulolushicilelo lukaSondela sethula isigaba esisha esibizwa ngokuthi ?ezicathulweni zabo?? ukuze sinethulele amazwi ezingane ziveza ulwazi ezinalo olwahlukahlukene mayelana neSandulela Ngculazi neNgculazi ? ezinye zazo zithinteke ngqo, kanye nezinye zibheka umthelela wayo macala onke.

Kulolishicilelo, amanye alamazwi amancane akwa-Dukuza aqoshwe nguSiphelele Ndlovu oneminyaka eyishumi ubudala, ondaba yakhe yethulwa ngoNovember encwadini enamakhasi angu 34 ebizwa ngokuthi ?Babiza Story?. Lomsebenzi ubuholwa nguJill Kruger, ongumqondisi womnyango weSocial and Behavioural Sciences waseHivan, kanti ihlelwe ngendlela enika izingane indawo yokusabalalisa ukukhanya kwazo futhi zisikhumbuze ngomntwana ongaphakathi kithi. Ukusetshenziswa kwezilimi ezimbili (isiZulu nesiNgisi) kungumphumela wokubambisana ne MIET (Media Education Technology), igatsha lase Marianhill leStreet-Wise, kanye neSinikithemba AIDS Care Centre esibhedlela iMcCord. Ixhaswe ngezimali yiUNESCO kanye ne-First Congregational Church yase-Old Lyme, kanti ingeyokuqala ochungechungeni olubizwa ngokuthi ?By Children for Children?.

Umfana, oneminyaka ewu-12=> Ukuqala kwami ukuzwa ngeSandulela Ngculazi neNgculazi ngangineminyaka ewu-10 ubudala, ngezwa abantu bekhuluma ?ngesifo esiyingozi? esitolo. Ngangithunywe umama ukuyothenga isinkwa. Kwakukhona abantu abaningi; abanye bengabesilisa abanye bengabesifazane. Babephikisana. Abanye babethi: ?Ayikho into enjalo?; abanye bethi: Yebo ikhona. Isifo esiyingozi?.

Ngangingazi ukuthi siyini lesisifo. Ngabuza abazali bami ebusuku, bangitshela ngaso. Nganginesasa, kodwa ngangingazi noma yiqiniso noma amanga. Kusuka lapho, ngase ngizwa ngaso esikoleni kwi-Life Orientation kanti kunezithombe ezixwayisa abantu ngalesisifo. Abafana namantombazane bangathola iSandulela Ngculazi uma beya ocansini ngaphandle kwekhondomu. Bangayithola futhi egazini lomuntu onalo uma esisekeka. Izingane zingakhathazeka ngeSandulela Ngculazi neNgculazi. Mhlawumbe abazali babo noma abantu ababaziyo banayo, kodwa abazi. Indlela abantu abanegciwane abaphathwa ngayo, yenza abantu bangafuni ukusho uma benalo. Abantu bayathukana, besebenzisa isandulela ngculazi. Bathi: Qhela kimi; unesandulela ngculazi?, ngisho bengenayo. Angazi muntu onesandulela ngculazi.

Intombazane, eneminyaka ewu-14=> Ngazi ngeSandulela Ngculazi ngineminyaka ewu 11 noma ewu-12 ubudala. Kwakuyisikhathi sika Nkosi Johnson. Wayehlala evela kumabonakude. Ubaba wangitshela ngeNgculazi ngaqala ngaqonda ngayo. Asiyenzi ingculazi noma isandulela ngculazi esikoleni. Ngibona okuningi kumabonakude. Ngesinye isikhathi uma abantu befa, kuyavezwa kumabonakude ukuhti kungenxa yeNgculazi. Ngabona futhi ngeSandulela Ngculazi kwi-Soul Buddyz. Ngangazi oyedwa wesilisa oneNgculazi. Washona ngenyanga edlule. Wayemngumngani omkhulu kababa. Umngani wami wangixoxela kamuva. Ngase ngibuza ubaba ngakho wangitshela ukuthi kwakuyiqiniso. Amantombazane nabafana abayinakile kangako iNgculazi. Abaxoxi ngayo. Bangathola isandulela ngculazi ngokuthinta abantu abanaso futhi uma kuthintana amagazi abantu ababili. Abantwana bangaba neSandulela Ngculazi uma omama babo beneSandulela Ngculazi ngesikhathi bezalwa.

Umfana, oneminyaka ewu 14=> Angisakhumbuli, ingesikhathi ngineminyaka ewu 11 ubudala, abantu emgaqweni, kumabonakude, emaphephandabeni ? babekhuluma ngayo. Ngangingazi ukuthi yini. Ngezwa nje ukuthi kwakuyigciwane eliyingozi. Indlela engangiyiyona ngesikhathi ngizwa ngayo, ngangidangele. Ngaba nesasasa, kodwa angifunanga ukuzixaka ngifuna ulwazi ngalo ngoba ngangingazi ukuhti liyini. Kuthe-ke ngo 2003, ngazi kahle ukuthi liyini, ngoba bakhombisa umuntu wayeguliswa ingculazi kumabonakude ezindabeni. Futhi ngawo u2003, ngafunda ngeSandulela Ngculazi neNgculazi esikoleni, kodwa akunginikanga kahle umuzwa wokuthi kwakumayelana nani, njengoba ngangizwa abantu bekhuluma emgaqwni.

Izingane ziyasaba ukuthi ukuba neSandulela Ngculazi kungenzeka kunoma ubani, nokuthi bangaba neSandulela Ngculazi. Abafana bacabanga kakhulu ngeNgculazi kunamantombazane. Amantombazane anamahloni futhi awakwazi ukuvele akhulume nje ngayo. Uma izingane zingabangani, zizwa izindaba ezahlukene, bese zixoxisana zodwa ngalezizindaba. Uma umuntu omdala eneSandulela Ngculazi engayitshelile ingane, kungayithusa kakhulu ingane uma isithola, ingaquleka nokuquleka. Izingane zicabanga ukuthi abantu abaneSandulela Ngculazi bazosheshe bashone, kodwa lokhu akusilo iqiniso, futhi kungenzeka ukuthi umuntu onegciwane usondelene kakhulu nengane, ngakho-ke ingane ingasaba kakhulu.

Intombazane eneminyaka ewu 14=> Ngesikhathi ngineminyaka ewu 11 noma ewu 12 ubudala, sasinezifundo ezithile esikoleni mayelana nalesisifo esibizwa ngokuthi isandulela ngculazi. Ngalesosikhathi kwakukhona abantu abakhuluma ngalesisifo ekhaya, edolobheni, nakwezinya izindawo, kodwa ngangingaqondi. Abantu abaningi ezweni lethu babenaso. Ngalesosikhathi ngangazi ukuthi zonke izifo ziyalapheka. Kodwa ngathola ukuthi lesi asilapheki. Ngazi abantu abayisikhombisa noma abayisishagalombili abaneSandulela Ngculazi. Akuwowonke umuntu owaziyo. Abanye abantu ? amalunga omndeni ? ababanaki besaba ukuthi bangase batheleleke ngokuba nabo noma bebathinta. Abanye bayawasiza amalunga omndeni athelelekile, ukuze bathole ukunakekelwa baphile kahle. Kunalezizinto ezimbili: ukunganaki, noma ukunakekela. Baphathwa kanjalo abantu abaneSandulela Ngculazi. Ngingathi kubantu abathelelekile ?Zama ukuthi uphumisele. Ukungakhulumi ngokubanesandulela ngculazi kuthinta abantu abeseduzane nawe. Ukukhuluma kuyasiza. Ngeke wazi ukuthi abantu abaseduze nawe bazokunakekela yini? Izingane ezinabazali abathelelekile ziyamangala nje ukuthi konakelephi. Ngeke nje uthi uyakhohlela kuphela. Uma umzali wakho egula ukhathazeka kakhulu ngoba bakugcina ngaphakathi kubo bese beyakhathazeka; bese amasosha egazi ehla bese begula kakhulu, okukhathaza kakhulu izingane. Izingane zingatheleleka ngeSandulela Ngculazi. Okokuqala nje ngezikhathi zihambe zidlala. Mhlawumbe omunye uyasikeka, bese omunye athola ukuthinteka ngegazi futhi ngeke wazi. Okwesibili, abafana abazijova ngezidakamizwa zingatheleleka ngeSandulela Ngculazi. Izingane zithola izinto ezinjenge mjovo zihleli noma kanjani, zidlale ngazo. Zingatheleleka uma zizilimaza ngazinto ezinegciwane kuzo.

YAZI LOKHU: Imvume yokwethula lemibono inikwe iSondela yizingane nababheki bazo. USiphelele wayehola efaka imibuzo ngesizulu bese ehumusha izimpendulo kuJill ngesiNgisi ukuze ashicilele phansi. Siyazemukela izindaba zezingane ngalesisikhathi sesandulela ngculazi nengculazi, futhi sinikela lelikhasi ?Ezicathulweni zabo?? njengendawo ezingakhuluma kuyo.

<

TOP
?

? Centre for HIV/AIDS Networking 2002 - 2005. All rights reserved. No reproduction, distribution, dissemination or replication of the contents hereof may be undertaken under any circumstances without the express prior written consent of HIVAN. All users acknowledge that they have read and understood our Terms Of Use. Contact Us by clicking here or reach the Webmaster by clicking here.

Please view this site with the latest versions of Explorer or Netscape